OMthembu bamema umphakathi uzogijima nabo

2015-12-16 06:00

INGWAZI kwezokusubatha kuleli neyanqoba iComrades Marathon ngonyaka odlule (2014) uBong’musa Mthembu kanye nabanye abagijimi abaqavile abazalwa eBulwer bazobe beziqeqesha nomphakathi noma nabanye abasubathi abasafufusa ngenhloso yokubasiza.

Kuleli sonto uMthembu uthe yena nabanye abajigimi abaziwayo ngamagalelo abo eMzansi, ikakhulukazi kwiComrades Marathon, njengoThuso Mosiwa, Prodical Khumalo kanye noMncedisi Mkhize baqhamuke nalo mbono.

UMvelase ugcizelele ukuthi kuzoba kungewona umjaho noma umqhudelwano kodwa bazobe bezilolonga kusukela eBulwer kuya eMpendle ukuze batshengise umphakathi ngokuzilolonga nawo.

“Iqiniso lithi thina noThuso Mosiwa singabafana bendawo futhi sikhulele kuyo le ndawo. Into esizobe siyenza ukuziqeqesha phambi kwabo futhi sibameme bagijime nathi (training run) ukuze bafunde kobhuti abadala babo. Uma sesiqedile eMpendle siyobe sesixoxa nabo futhi sithathe nemibuzo ukuze sibacebise.

“Futhi-ke ukwenza kanje kuzosiza abagijimi abaningi abaziqeqeshela iComrades Marathon yangonyaka ozayo,”kusho uMthembu.

UMthembu uthi oMasipala iMpendle ne-Ingwe bazisiwe ngalolu hlelo futhi kukhona abazolekelela ngakho.

“Siyoqala ngo-6am zingu-27 kuZibandlela phambi kwasehholo eBulwer size siyoqeda eMpendle enkundleni yezemidlalo.

“Simema noma ubani ofisa ukuzozilolonga nathi, ngeke sicwase muntu,”kusho uMthembu.

.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.