Ona-100 ucela uxhaso lwendlu

2019-09-04 06:03
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNkk Greta Sithole ebambelele endlini ahlala kuyona ewayo.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNkk Greta Sithole ebambelele endlini ahlala kuyona ewayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISAGUGA esineminyaka eli-100 sasendaweni yaKwaPata ka-30 sithi impilo yaso ingashintsha ibe ngcobo uma ngabe singathola uxhaso lwendlu elizohlala kusona.

UNkk Greta Sithole uhlala endlini yodaka ewayo.

Elandisa i-Echo uthe ngaphambilini indlu lena ahlala kuyona yayinamagumbi amane kuqala kodwa manje seyize kwasala elilodwa elisebenzayo.

“Bekuloku kuwa igumbi ngalinye kwaze kwaba kusala amabili elokulala naleli ebengiphekela kulona. Nalo leli lokulala liqale ukungihlupha kakhulu lingena imvula sengiyikhongozela ngebhakede uma ngabe kunetha ngindlala ngisho o-plastic embhedeni.

“Ngibe sengiphoqeleka ukuba ngiphume kulona ngisebenzise leli engiphekela kulona. Kumanje ngipheka endlini eyodwa nalena engilala kuyona,” kubeka yena.

Uqhube wathi ukuhlala endlini efana nalena sekumuhlukumeze kakhulu ngoba kwesinye isikhathi uyaye asabele ngisho impilo yakho.

“Uma ngilele ngiyaye ngisabe ukuthi lendlu ingavele iwele phezu kwami bese iyangemboza ngingakwazi ngisho ukuphuma.

“Indlela engesaba ngayo uma nje ngike ngezwa umsindo omncane nje ngisho kuthiwa igundane ngivele ngivuke ngikhanyise ngibheke. Ngisuke sengizitshela hlampe ukuthi indlu isiyawa ngoba phela iwudaka.

“Akusemnandi ukuphila ngalendlela uhleli usabela impilo yakho,” kubeka yena.

UNkk Sithole uthe ukube kuya ngaye ngabe uyazama ukuzakhela enye indlu angakwazi ukuthi ahlale kuyona kodwa akanawo amandla.

“Ngiziphilela ngemali yempesheni nayo engisiza ukuba ngithenge ukudla kwasendlini. Angeke ngikwazi ngisho ukuqala ngithi ngiyakha enye indlu.

“Noma ubani nje uMsamariya olungileyo ongakwazi ukuthi angisize ngendlu noma kungathiwa inamagumbi amabili uma ngabe isesimeni esilungile nje iphephile nje ayikho inkinga,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.