Osomabhizinisi abancane bacotshelelwe ngolwazi

2019-04-10 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUMnu Samson Gabela eluleka osomabhizinisi.

ISITHOMBE: sithunyelweUMnu Samson Gabela eluleka osomabhizinisi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OSOMABHIZINISI abancane bathole ithuba eliyingqayizivele lokucotshelelwa ngolwazi kwi-Business Seminar ebise Mbali Stage 1 ngoLwesihlanu olwedlule mhla zingama-29 kuNdasa (March).

Le seminar ibihlelwe iSakhumnotho Development Service ngo­kubambisana nomasipala uMsunduzi.

UMnu Thokozani Gcaba ongusihlalo weSakhumnotho Development Service uyale osomabhizinisi abasebancane ngokuthi kumele babekezele uma befuna ukungena emabhizinisini ngoba kwesinye isikhathi umuntu ungena engazi ukuthi uzophumelela noma uzofeyila yini kwibhizinisi.

“Lapha phakathi kwenu kukhona osomabhizinisi abasebasha abavunyelwa iminyaka ukuthi bangaqala noma yini abafisa ukuyiqala. Into engicela ukuthi niyenze ukuthi niyibambe noma ngabe kunzima kangakanani ngoba ithuba lenu leli. Thina sangena kumabhizinisi lungakabikhona nhlobo uxhaso konke esasikwenza kwakuphuma emaphaketheni ethu, manje kukhona iminyango okumele nixhumane nayo ukuze nithole uxhaso,” kusho uGcaba.

UNkz Angel Gambushe ovela kwi-Wholesale and Retail SETA uthe kusemqoka ukuthi abantu bezame ngawo wonke amandla ukuthi bangene emabhizinisini abawathandayo futhi abawaqondayo ukuze benze into esuka kubona ngaphakathi. “Uxhaso lukhona uma osomabhizinisi beludinga inkinga ukuthi akulula ukuthola uxhaso uma ungazi ukuthi udinga ukwenza ini kahle-hle kwibhizinisi. Kubuhlungu ukubona abantu befika kuthina bengazi ukuthi bafuna ukwenzani,” kugcizelela uNkz Gambushe.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.