Osomahlaya bafuna ukuthuthukisa indawo yangakubo

2020-02-12 06:04
ISITHOMBE: sithunyelweOsomahlaya uSiphesihle Dlamini noMxolisi Khumalo abaziwa ngokuthi ama-Youth Entertainers.

ISITHOMBE: sithunyelweOsomahlaya uSiphesihle Dlamini noMxolisi Khumalo abaziwa ngokuthi ama-Youth Entertainers.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OSOMAHLAYA basendaweni yase-Sweetwaters bathi bafuna ukusebenzisa ithalente labo ukuletha ushintsho emphakathini abavela kuwona.

USiphesihle Dlamini (25) noMxolisi Khumalo (21), abaziwa nge-Youth Entertainers, baqala ukwenza amahlanya ngonyaka wezi-2015 ngesikhathi bekomunye wemicimbi yamahlaya owawusendaweni yase-Tamboville.

“Ngesikhathi siwabuka amahlaya uthando lwawo lugcine selukhula ngalendlela yokuthi sagcina nathi sesifuna ukuwenza. Sahlangana sazama ukuwenza kodwa kwagcina kulungile.

“Njengoba senza amahlaya sifuna ukubonisa enye intsha ukuthi ungakwazi ukuziphilisa ngekhono lakho ngaphandle kokuthi uze ungene ezintweni ezingaljungile njengezidakamizwa kanye nokuthi uvele uhlale ekhaya uthi awuwutholi umsebenzi,” kubeka uDlamini.

Uqhube wathi isifiso sabo ukuthi bakwazi ukuthi basize enye intsha esakhula eza ngemuva kwabo ukuthi nayo ikwazi ukuveza amathalente wayo.

“Sifuna ukuqoqa intsha endaweni yakithi ngokuthi siyilekelele ngezinto ezithandayo zamaciko ukuze nendawo yangakithi izoshintsha kuphele nobugebengu kanye nokusetshenziswa kwezidakamizwa,” kubeka uDlamini.

“Sifisa ukuba isibonelo esihle emphakathini wethu ukuze nezingane ezincane ezisakhula zibonele kuthina zingaze zizifake ezintweni ezingalungile.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.