OwaKwaPata uzobonakala

2019-07-31 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweUNks Thule Sthole ozobonakala kumabonakude maduze.

ISITHOMBE: sithunyelweUNks Thule Sthole ozobonakala kumabonakude maduze.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGESIKHATHI owesifazane waKwaPata ebhala umbhalo ezinkundleni zokuxhumana uFacebook othi “Ngonyaka ozayo nizobe nikhokhela i-DStv ukubuka mina” wayengazi ukuthi iphupho lakhe lizogcina lifezekile ngempela.

UNks Thule Sthole (29) ungomunye wabalingisi abazobonakala emdlalweni i-Generations: The Legacy.

I-Generations: The Legacy idlala ku-SABC 1 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngehora lesishiyagalombili ebusuku (8 pm). Ekhuluma ne-Echo uNks Sthole uthe kwakuhleli kuyiphupho lakhe ukuthi agcine engumlingisi wakumabonakude. Uthe ngenyanga kaNtulikazi (July) ngonyaka owedlule wabhala lomdlalo kwathi ngayo inyanga kaNtulikazi kulonyaka wathola ucingo olumutshela ukuthi kumele aphuthume eGoli ngoba usethole indawo azoyidlala kulo mdlalo.

“Bengisebenza egalaji likaphethiloli kodwa ngenxa yokuthi bengingasawunakile kakhulu umsebenzi wami ngigcine sengixoshiwe ngoNtulikazi ngonyaka owedlule. Ngahamba ngaya eGoli ngoba ngifisa ukufeza iphupho lami kwezokulingisa. Ngifike ngathola i-agency khona nokuyiyona engisizile ukuthi ngikwazi ukuthola lendawo engizoyilingisa kulo mdlalo.

“Ngesikhathi ngaziswa ukuthi ngithole indawo kulo mdlalo angizange ngikholwe ngoba ngiyabona ukuthi sengathi iphupho lami liyafezeka kancane kancane,”kubeka yena.

Uthe uqale ukushuthela lomdlalo ngesonto eledlule kanti uzobonakala kuwona maduze.

Uqhube wathi bekuhlezi kuyiphupho lakhe njalo vele ukuthi avele kumabonakude ngesikhathi esakhula.

“Ukulingisa ngaqala ukukuthanda ngisafunda esikoleni. Kwathi noma sengiphumile esikoleni bengihleli ngibhala ngezifiso zami enginazo ngokulingisa ezinkundleni zokuxhumana kwaze kwaba ngohlangana nomqondisi wamafilimu uGolide Igama. Wangitshela ukuthi uyabona izinto engihleli ngizibhala kanti uyathanda indlela engizinikele ngayo ekufuneni ukulingisa.

“Wabe esengithatha ngalingisa kwifilimu yakhe esihloko esithi Isikhwele. Kusukela lapho angiphindanga ngayeka ukuthanda ukulingisa nokungenze ngagcina sengingasawunaki nomsebenzi wami.”

UNks Sthole uthe isifiso sakhe ukuthi aqhubeke nokulingisa kuze kube ufika emazingeni aphezulu. Uphinde wayala abalingisi abasafufusa okanye labo abafuna ukungena emkhakheni wezokulingisa ukuthi bangadikibali bengayitholi into abayifunayo.

“Uma uzinikele entweni futhi uzitshela ukuthi uyayifuna uhleli uzoyithola ngisho kungathiwa isimo sesinjani. Ukusebenza kanzima nokuzimisela nokungadikibali ikona okubalulekile uma ngabe ufuna ukuphumelela.”

UNks Sthole uzophinde abonakale kumdlalo i-First Date season 1 nezoqala ukubonakala kumabonakude maduze nayo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.