OwaKwaShange Ukhala ngokusongelwa yinduna

2018-06-27 06:03

OWESILISA wasendaweni yaKwaShange ukhala ngenduna yendawo athi iyamusongela ngoba kubangwa indawo yokwakha.

UMnuz Thulani Maduna uthi lokhu kuza emva kokuba athenga iziza zokwakha ezimbili enduneni yakule ndawo uMnuz David Shange eminyakeni emithathu eyedlule kodwa emasontweni amabili edlule uthole ukuthi induna isiphinde yadayisela omunye umuntu indawo efanayo.

“Bengithi ngiyoyibheka njengoba ngilungiselela ukuqala ukwakha ngesikhathi ngifica omunye umuntu ecenta ethi indawo sekungeyakhe. Isiza esisodwa sasibiza uR1200 ngayikhokha yonke leyomali isihlangene yaba u-R2400.

“Ngaqala ngalungiselela ukwakha ngabiza nogeleja ukuba ungilungisele nokwathi uma sengizoqala ngashonelwa umfowethu ekhaya ngaeb sengima kancane.

“Ngithe sengiphinda khona kule ndawo ngenhloso yokwakha kwaphinde kwashona omunye umfowethu ngabambezeleka futhi. Ngesikhathi sengithi ngiyolungisa futhi emasontweni amabili edlule ngifice omunye umuntu ematasa ecenta. Ngithe uma ngimtshela ukuthi lena indawo yami wathi yena wayinikezwa induna sekungeyakhe,” kubeka yena.

Uthe ngemuva kokuthola lezi zindaba uzamile ukuxhumana nenduna ukuthola izimpendulo kodwa igcine isimusabisa ithi uma eke walusukumela lolu daba izomubona ukuthi ufana nobani.

“Bengifuna ukwazi ukuthi kungani enikeza omunye indawo ekubeni ngiyikhokhelile ngayiqeda. Kunalokho uvele wangaphumela obala wangitshela ukuthi iNkosi ekhiphe umyalelo wokuthi uma kuphela isikhathi eside umuntu engakhi endaweni leyo aseyithengile kumele idayiselwe omunye umuntu, wangisabisa nangokuthi uzongiqondisa uma ngike ngalusukumela lolu daba. Akukho muntu okutshela lokho uma ngabe usayithenga indawo kungani bakutshela sebeyidayisele omunye umuntu.

“Uma ubuza ngemali futhi bakutshela ukuthi imali ayibuyi. Ayibuyi kanjani imali ekubeni indawo isithathiwe yanikezwa omunye umuntu?.

“Ingiphatha kabi lento ngoba manje mina ngiyalahlekelwa kakhulu. Imali yami engathenga ngayo angiyitholi nendawo futhi angiyitholi.

“Angiyiphathike eyemali engangiqasha ngayo ugeleja njengoba wawungibiza imali engu-R4000 ngosuku. Lolu daba sengize ngalusa nakwiNgonyama Trust nalapho bafike bangitshela khona ukuthi angeke baze bakwazi ukuthi bangiphuce indawo yami sengiyithengile kodwa bathi angibhale incwadi ngibhalele imenenja yakhona.”

Induna yendawo uMnuz Shange walile ukuphawula ngalolu daba wathi alusekho ezandleni zakhe kodwa seluseMkhandlwini.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.