Owase-Ashdown eqenjini lesizwe

2018-07-25 06:00
ISITHOMBE : sithunyelweULondi Ziqubu ozodlalela elakuleli e-Namibia ngenyanga ezayo.

ISITHOMBE : sithunyelweULondi Ziqubu ozodlalela elakuleli e-Namibia ngenyanga ezayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE osemncane wase-Ashdown ungomunye wabadlali abaqokiwe ukuba bayomela izwe lase Ningizimu Afrika ebholweni lomnqakiswano (netball) ku-U16.

ULondi Ziqubu (16) uzoba yingxenye yabadlali abayi-12 abazomela iqembu lase Ningizimu Afrika e-Namibia emidlalweni ezoqala mhla zingama-22 kuya ku-25 kuNcwaba (August).

ULondi owenza ibanga lika-Grade 10 e-Alexander High School utshele i-Echo ukuthi waqala ukudlala ibhola lomqakiswano efunda ibanga lika-Grade 6.

Uthe selokhu aqala ukulidlala akaze abheke emuva njengoba ewumdlali weqembu i-Anti quiters lakhona e-Ashdown.

Uthe : “Ukuqokwa kwami njengomunye wabadlali abazomela iNingizimu Afrika kusho lukhulu kumina.

“Ngijabulile kakhulu futhi angizange ngikholwe ngangesikhathi ngithola ukuthi ngiqokiwe. Beziningi kakhulu izingane ebezikhona futhi nazo bezidlala kahle kakhulu kodwa kwaqokwa mina. Lokho kusho lukhulu kumina.

“Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngenza konke okusemandleni ukwenza indawo engiphuma kuyona nedolobha lami ukuba liziqhenye ngami,” kubeka yena.

Umqeqeshi kaLondi eqenjini i-Anti Quiter uMnuz Zwelibanzi Mbatha uthe ujabule kakhulu.

Uthe lokhu kuyakhombisa ukuthi njengomqeqeshi umsebenzi uyenzeka futhi nabadlali bakhe bayakhombisa ukuthi bazimisele.

“Ukuqokwa kukaLondi kuza emva kokuba abambe iqhaza emncintiswaneni wokuhlungela iqembu elizoya e-Namibia. Waqala wahlungelwa iqembu lesifundazwe saKwaZulu-Natal bese bephinda behamba futhi njengeqembu lesifundazwe beyohlungelwa iqembu lesizwe,” kubeka yena.

Uthe ngokwazi kwakhe uLondi uyena kuphela umdlali oqokiwe eMgungundlovu.

“Ngisuka kude nalezi zingane naye uLondi ngibafundisa ukudlala i-netball ayi kona kuphela kodwa nokuziphatha nenhlonipho ngoba nakho kudlala indima enkulu ekuphumeleleni kwezemidlalo. ULondi ngihlezi ngimukhuthaza ukuba aqhubeke njalo angakhohlwa nalapho ephuma khona. Ngiyakholelwa ekutheni ezemidlalo zinendima enkulu eziyidlalayo ezimpilweni zezi ngane zethu ikakhulukazi endaweni yase-Ashdown.

“Indawo yethi inezinkinga zezidakamizwa ingakho
sizama ngayo yonke indlela ukuba siqoqe intsha siyifake kwezemidlalo ukuze ingagcini esizinikela ezintweni ezingalungile,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.