Owase-Peaceville nama-music video amabili

2019-07-10 06:01
Umculi we-Hip hop uMazwi Mchunu.ISITHOMBE:da brianphotography

Umculi we-Hip hop uMazwi Mchunu.ISITHOMBE:da brianphotography

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-Hip hop osemncane wasendaweni yasePeaceville, uMazwi Mchunu, uthi uyafisa ukuthi ngelinye ilanga naye agcine esenesitebele sakhe somculo lapho ezoqopha umculo wakhe.

UMchunu (23) nowaziwa ngo “King Sjwemza” uzokhipha ama-music video ezingoma zakhe ezimbili ngaphambi kokuba kuphele inyanga kaNtulikazi (July). Eyokuqala esihloko sithi uZero ishuthelwe endaweni yasePeaceville kanye nethi Bars For Days.

Ekhuluma ne-Echo uthe ujabule kakhulu ikakhukazi ngoba usebenzise umphakathi wasendaweni lapho ehlala khona. UMchunu uthe waqala ukuqopha izingoma ngonyaka wezi-2010 ngemuva kokuzibona ukuthi unethalente lokubhala.

“Ukubhala izingoma bekungenye indlela ebengikwazi ngayo ukudlulisa indlela engizizwa ngayo ngeleso sikhathi. Ngaphambi kokuba ngihlale endaweni yase-Peaceville bengihlala eSlangspruite kanti bengihlumezeka kakhulu. Ngoba bengiyingane futhi nginguwumuntu ongathandi ukukhuluma bengivele ngizivalele bese ngibhale yonke into engiyizwayo ngaleso sikhathi. Bengibhala izingoma ngibhala nezinkondlo ngesikhathi ngiqala.

“Ngemuva kwesikhathi ngabe sengiyabona ukuthi engathi nginethalente ngabe sengikhetha ukuyoqopha. Seloku ngaqala umculo sengiyawuthanda kakhulu kanti futhi iwona nje engiwenzayo njengamanje,” kubeka yena.

Uthe isifiso sakhe ukuthi azibone ekhula endimeni yezomculo angagcini nje ngokuba umculi kuphela, kodwa agcine esenesitebele sakhe naye.

UMchunu kumanje usemncintiswaneni womsakazo i-5FM obizwa ngokuthi i “The Rap Factor” noba khona njalo ngeSonto kusuka ngehora lesikhombisa ntambama kuya kwihora leshumi ebusuku. Abaculi be-Hip hop kuyaye kudingeke ukuba baqhudelane ngomculo wabo bese abalaleli bevotela lowo abamuthandayo noma abacabanga ukuthi uyena ofanelwe ukubalwa. Seloku angena kulo mncintiswano mhlaka-2 kuNhlangulana akakaze ahlulwe kanti nangeSonto uphinde waphumelela futhi uMchunu.

“Ngiyathemba ukuthi ngisazoqhubeka ngihlale isikhathi eside kulo mncintiswano ngoba uyangisiza kakhulu. Uyakhulisa umculo wami kanti futhi nabantu abaningi sebeqala ukunginaka kanye nomculo wami,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.