OwaseCaluza uzobonakala kuMzansi Magic

2019-12-11 06:00
UNondumiso Jozana ozobonakala emdlalweni omusha kamabonakude.ISITHOMBE: sithunyelwe

UNondumiso Jozana ozobonakala emdlalweni omusha kamabonakude.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMLINGISI ophinda abe nguzime wasendaweni yaseCaluza uNks Nondumiso Jozana uzobonakala emdlalweni kamabonakude osihloko sithi Nomthawelanga.

Lo mdlalo uzoqala ukuvezwa mhla zingama-21 kuZibandlela (December) ngo-7.30 pm kuMzansi Magic Chanel 161.

UNks Jozana uzobe edlala indawo kaNomthawelanga nokuyindawo eqavile kulo mdlalo.

Ekhuluma ne-Echo uthe ujabule kakhulu kanti uyakholelwa ekutheni ukudlala kwakhe indima enkulu njengalena kuzomvulela eminye iminyango.

Uthe ngesikhathi ethola izindaba zokuthi uyena ozodlala indawo yomlingisi oqavile kulo mdlalo wayejabulile kodwa futhi wayethukile.

“Benginemizwa eyahlukene bengingazi ukuthi ngizizwe kanjani. Bengithukile kodwa ngayamukela inselelo ngoba bengenza into engiyithandayo okukulingisa.

“Kimina ukudlala indawo enkulu kangaka kusho lukhulu ngoba ngifunde izinto eziningi.

Ngiyathemba ukuthi abantu abaningi bazowujabulela lo mdlalo kanti futhi bazokubona nokusebenza kanzima kwami,” kubeka yena.

Uthe ukulingisa into akade ayehlezi eyithanda vele kudala ngisho esasesikoleni.

“Ngesikhathi ngenza amabanga aphakeme esikoleni i-Russell High School ngakhetha izifundo ze-Drama ngoba ngangiyithanda.

“Uthisha wami wabona indlela engangiyithanda ngayo nendlela engangiyikhuthalele ngakhona wabe esengikhuthaza ukuba noma ngabe sengiphumile esikoleni ngiqhubeke nayo.

“Ngibe sengihamba ngiyokwenza izifundo ze-Drama and Production Studies e-Durban University of Technology,” kubeka yena.

UNks Jozanna uthe isifiso sakhe ukuthi akhule endimeni yezokulingisa aze agcina esekwazi ukuthi naye akhiphe eyakhe imidlalo kamabonakude.

“Ngifuna ukungena endimeni yokudidiyela amafilimu ngoba vele ngingumbhali. Ngifuna ukukwenza loku ukuze sizokwazi ukuthi siveze ithalente labantu baseMgungundlovu.

“Abantu basedolobheni lethu banethalente elikhulu inkinga ukuthi abawatholi amathuba okuzibonakalisa bagcine sebehamba beya koGoli ngoba befuna ukuyoveza amathalente abo.

Mina ngifuna ukubalekelela ukuba baveze amathalente abo behleli khona lapha edolobheni lethu,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.