OwaseCaluza wethule ngokusemthethweni incwadi

2018-06-13 06:00
UNks Ayanda Mavundla nencwadi yakhe ekade eyethula ngokusemthethweni ngoMgqibelo.ISITHOMBE : sithunyelwe

UNks Ayanda Mavundla nencwadi yakhe ekade eyethula ngokusemthethweni ngoMgqibelo.ISITHOMBE : sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE osemncane wasendaweni yaseCaluza uthi ukukhula ehlukumezeka kumenze wakhuthazeka ukuba abhale encwadi lapho egonyuluka khona ngobuhlungu abuzwayo.

UNkz Ayanda Mavundla (23) wethule ngokusemthethweni incwadi yakhe esihloko sithi ‘Rescued by depression’ (ngatakulwa isifo sokukhwantalala) ngoMgqibelo mhlaka zi-2 kuNhlangulana (June) e-Protea Hotel eMgungundlovu.

UNkz Mavundla uthe le ncwadi ikhuluma ngempilo yakhe, izinto adlule kuzona nangesikhathi eze ehlaselwa isifo sokhwantalala (depression).Uthe ukubhala ngale ncwadi kumusize kakhulu ekutheni axole akwazi nokuthola ukuthula enhliziyweni yakhe ngemuva kwezinto adlule kuzona.

Ekhuluma ne-Echo uNks Mavundla uthe kumthathe izinyanga ezinhlanu nje kuphela ukuba abhale le ncwadi ayiqede. Uthe ngesikhathi ekhula wayazi ukuthi ngelinye ilanga uyoba umbhali wezincwadi.

“Kade ngikhula bengikuthanda kakhulu ukubhala kanti futhi bengazi ukuthi ngelinye ilanga ngiyogcina ngiwumbhali wezincwadi ukuthi nje angizange ngicabange ukuthi kuyoqala ngisemncane kangaka.Ukubhala kuyangizisa kakhulu ukuthi ngithole ukwelapheka ngoba ngisho nangensikhathi ngisakhula bengisizwa yikhona ukubhala. Ngikhule ngihlukunyezwa ngokwenyama, ngokomoya kanye nangokomqondo ingako ngivele ngasukuma ngabhala le ncwadi ukuze ngizobhodla konke okungaphakathi kumina ngikwazi nokuthola ukuphola,” kubeka yena .

UNkz Mavundla uqhube wathi ngale ncwadi ufuna ukukhuthaza nabanye abantu ukuba bakhulume ngezinto ezingabaphethe kahle emoyeni wabo baphinde bangafihli uma ngabe behlukunyezwa. Uthe ukuhlukunyezwa kwakhe ngesikhathi esakhula kwathatha izwi lakhe ukuba angakwazi ukuzikhulumela okanye akhulume ngento emuphatha kabi.

“Ngifuna abantu bazi ukuthi akumele bavunyelwe ukuhlukunywezwa kumele bakhulume ngoba ukufela ngaphakathi kwabo kungagcina sekubenza ukuba babe nesifo sokukhwantalala. Mina ukuhlunyezwa kwami kwathatha izwi lami ngangakwazi ukuzikhulumela angeke ngivumele lokho kwenzeke komunye umuntu.”

UNksz Mavundla uthe uhlezi ebhala ngaso sonke isikhathi wathi futhi uzimisele ngokubhala enye incwadi ngoba ziningi izihloko adinga ukukhuluma ngazo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.