OwaseMbali nendondo kazwelonke

2018-10-31 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUNkk Ntokozo Mbuli benoMlungisi Ntuli ngemuva kokuhlabana ngendondo ngoLwesibili.

ISITHOMBE: sithunyelweUNkk Ntokozo Mbuli benoMlungisi Ntuli ngemuva kokuhlabana ngendondo ngoLwesibili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USOSAYENSI waseMbali Unit 2 uMnuz Mlungisi Ntuli uthi namanje akakholwa kuthi akakhale njengoba ehlabane ngezindondo ezimbili esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili.

UMnuz Ntuli nogxile kakhulu kwezemvelo kanye nokufundisa intsha yaseMgungundlovu ngeMvelo uhlabane ngendondo ye-Wetland Education and Clean Development Award emcimbini wezindondo zikazwelonke waminyaka obizwa ngokuthi i-Natioal Wetland Indaba nobowubanjelwe e-Kimberly ngesonto eledlule.

Uphinde wahlomula ngenye indondo futhi ngoLwesibili mhla zingama-23 kuMfumfu( October) i-Environmental Media and Environmentalist of the Year Award emcimbini wezindondo owaziwa ngokuthi i-The Macqubu Ntombela and Ian Player Cub Awards nobubanjelwe eGoli.

Ekhuluma ne-Echo uMnuz Ntuli uthe ujabulile kakhulu kanti futhi usathukile ngokuthola lezi zindondo.

“Kumina ukuqokwa nje kuphela bekusho lukhulu kodwa ngoba ngigcine ngiwinile ngiyajabula kakhulu. Lokhu kuyakhombisa ukuthi uma ngabe uzimisele futhi usebenza kanzima uyakwazi ukuphumelela.

Bekungekho lula kona ngesikhathi ngisaqala kodwa ngabekezela ngenxa yothando enginalo lwemvelo kanye nolokufundisa intsha yethu ngazo ezemvelo. Ngijabulile kakhulu ukuthi nami ngikwazi ukuthi ngibeke indawo kanye nedolobha lethu ezingeni elikhulu kangaka,” kubeka yena.

Uthe lolu hlelo lwakhe waluqala ngonyaka wezi-2015 endaweni yaseMbali nalapho abamba khona umgubho wokuqala owaziwa ngokuthi i-Wetlands Day nokungumgubho womhlaba wonke oba njalo ngonyaka ngomhlaka-2 kuNhlolanja (February). Uthe ngemuva kwaloku wabe esesebenzisana nenxanxathela yezitolo i-Greater Edendale Mall kwaze kwaba luyakhula lolu hlelo baze bavela ngisho kumabonakude.

Uphinde waveza ukuthi kumanje usezoba matasa njengoba esezoqala ukulungiselela umgubho wonyaka ozayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.