OwaseMbali osemncane nomcimbi wedlozi

2018-10-17 06:02
Thando ‘PimpDlozi’ Khambule.ISITHOMBE : SITHUNYELWE

Thando ‘PimpDlozi’ Khambule.ISITHOMBE : SITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESILISA waseMbali osemncane noyisangoma uThando “PimpDlozi” Khambule uthi sekuyisikhathi sokuthi abantu bafundiswe ngedlozi, ikakhulukazi intsha.

UKhambule uhlele umcimbi wokufundisa ngedlozi owethiwe ngokuthi yi-First Umphithi Annual Mngoma Picnic nezobanjelwa e-Botanical Gardens mhla zingama-27 kuMfumfu (October) kusuka ngehora leshumi ekuseni kuya kwihora lesihlanu ntambama.

Lo mcimbi akusiwona owezangoma kuphela kodwa wonke umuntu wamukelekile ukuze kuzofundiswana ngendaba yedlozi.

Exoxa ne-Echo uKhambule uthe into emenze ukuba asukume kakhulu afune ukufundisa abantu ngedlozi yingoba akafuni ukuba abantu benze amaphutha awenza yena ngaphambi kokuba abe yisangoma.

“Mina ngikhule ngingalihloniphi idlozi ngingenandaba nalo ngingalinaki kwaze kwaba kufika isikhathi lapho lingishaya khona.

“Ngalahlekelwa yikona konke ngingasakwazi ngisho ukuthenga i-airtime ka-R10 indlela isimo esasisibi ngayo.

“Ngonyaka wezi-2014 ngalahlekelwa ngisho nawumsebenzi ngasala ngingenalutho nabangani bami baqala bangihlehlela ngoba ngasengifana nento engelutho.

“Ubaba wami uyena owangivula amehlo wangitshela ukuba kumele ngiyihlole le nto eyenzeka empilweni yami nokuyilapho engathola khona ukuthi nginabantu aba- dala.

“Nalapho ngesikhathi ngisaqala ukuthola angizange ngibe nendaba kwaze kwaba idlozi liyangithatha lingibukanisa nabantu ngabe sengihamba ngiya kothwasa ngaphothula ngonyaka wezi-2016,” ubeke kanje.

Uqhube wathi enye inhloso yalo mcimbi ukuzama ukuqeda umqondo wokuthi uma uyisangoma impilo yakho iphelele empephweni nje kuphela.

Uthe ufuna abantu bazi ukuthi usangaqhubeka uphile impilo yakho ngisho usuthathe indlela yokuba yisangoma.

“Abantu badinga ukwazi ngalezi zinto ukuze bengeke beloku beqhubeka nokubalekela idlozi ngoba kugcina sekubhimba izinto zabo eziningi.

“Ungathola abantu abaningi behleli ekhaya bethi abasebenzi kanti hhayi ngoba umsebenzi ungekho kodwa badinga nje ukuthi bazisondeze nedlozi balihloniphe bangaziqhelelanisi nalo.

“Uma uzisondeza nedlozi akusho ukuthi sekumele ube yisangoma kodwa kume wazi ukuthi likhona futhi kumele ulinake.

“Njengoba ngenze lo mcimbi angivelanga ngalala ngavuka nje ngathi ngizowenza kodwa kwafika idlozi kimina ngenyanga kaNtulikazi (July) langitshela ukuthi kumele ngenzele abantu bakini lo mcimbi esizothola ukufundisana kuwona ngedlozi.”

UKhambule uthe lo mcimbi usuzoqhubeka ube yinto yaminyaka yonke ukuze nalabo abasakhula bezokhula benolwazi bathole ukufundiswa ngedlozi.

Amathikithi alo mcimbi ayolakala ngo-R100 ePick n Pay kanti abantu bavumelekile ukuza nama-coolerbox abo ngemali engu-R50 abaziyikhokha khona e-Pick ‘n Pay. Ngeminye imininingwane ungaxhumana naye uKhambule enombolweni ethi: 076 674 5458.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.