OwaseMbali uzobonakala kuMzansi Magic

2016-08-17 06:00
PHOTO: NOKUTHULA KHANYILE UNonkululeko Sithole

PHOTO: NOKUTHULA KHANYILE UNonkululeko Sithole

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KULINDELEKE ukuthi ikhonjiswe namhlanje ebusuku kumabonakude kuMzansi Magic ifilimu enentokazi yaseMbali.

Isintshi okuyifilimu eliqoshelwe e-Nanda eThekwini linomlingisi wakulelidolobha osafufusa uNonkululeko Sithole (28) wase Mbali Unit 18. USithole ongu sister esibhedlela sase-Edendale uthi yize ewuthanda umsebenzi awenzayo wokuhlenga abantu kodwa ubenothando lokuba ngumlingisi kusukela ebuncaneni bakhe.

“Ngikuthanda kakhulu ukulingisa, ngisho ngisemncane ngangihlale ngizitshela ukuthi ngelinye ilanga ngifuna ukwenza umsebenzi oyongenza ngidume,” kusho yena.

Uthe indlela kwezokulingisa uyivulelwe imbongi yaseMgungundlovu uGolide obemfake kwi-DVD yakhe yezinkondlo.

“Bengiyingxenye ye-DVD kaGolide nokuthe emuva kokuyiqopha ngabona ukuthi kufanele ngithole i-agent ukuze ngiqhubeke nokudlondloba.”

Emuva kokusayina ne-Plantinum Blue ngibe sengithola ucingo ngimenywa ukuthi ngibe yingxenye yalefilimu. USithole uthe kulelifilimu udlala indawo kaThandeka Ndlovu.

“Lefilimu idweba isithombe ngodaba lwamalobolo kuleli. Umama kaThandeka wakhulelwa esemncane kodwa uyise wengane yakhe wasiphika isisu wagcina ngokuthi ashadwe ngomunye umuntu. UThandeka uyakhula ahlangane nowesilisa wasebukhosini eNyuvesi onesifiso sokumshado nokuyilapho ubaba wakhe wangempela esethushuka khona efuna kulotsholwe kuyena.”

USithole uthe abantu bazoyithokozela kakhulu lefilimu ngoba ikhuluma ngento engenzeka kunoma ubani.

“Ifilimu eseqophelweni eliphezulu kakhulu, abantu bazogezeka igilo uma beqeda ukuyibuka. Lefilimu ikhiqizwe abantu bakuleli kusukela kubalingisi kuya kubaqophi kanye nabadidiyeli.”

Lentokazi ithe iyafisa ukuthi ngelinye ilanga azibone esezingeni labalingisi abafana no-Sindi Dlathu odlala indawo ka Thandaza kuMuvhango.

“Ngingathanda ukuthi ngigcine ngibonakala kuZalo noma Isibaya.”

Njengoba kugujwa inyanga yabantu besifazane uSithole uthe uthanda ukululeka abesifazane ukuthi balandele amaphupho abo.

“Kubalulekile ukuthi njengabantu besifazane siphokophelele ukuzimela singanciki kubantu besilisa. Imfundo ibaluleke kakhulu futhi kufanele siyibeke eqhulwini.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.