OwaseMbali uzokhipha i-EP entsha

2018-10-31 06:01
ISITHOMBE : sithunyelwe Thato Chonco.

ISITHOMBE : sithunyelwe Thato Chonco.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMREPHA waseMbali Unit 1 nophinde abe ngumdidiyeli wezingoma zohlobo lweGqom kanye ne-House uzokhipha i-EP yakhe entsha nazoyethula ngokusemthethweni ngomhla zizi-3 kuLwezi (November) e-White House eMbali Unit 2.

UThato Chonco (20) nowaziwa ngo-”The Vibe Switcher” nowaqala ukucula ngesikhathi enza uGrade 4 utshele i-Echo ukuthi i-EP igama lithi The next Page EP kanti inezingoma eziyisikhombisa.

Uthe lena yi-EP yakhe yesithathu ayikhiphayo kanti uyathemba ukuthi abantu bazoyijabulela kakhulu.

“Izingoma eziningi kule-EP yami yamanje zikhuluma ngempilo yami kanye nezimo ezingidlule kuzona kodwa ngabambelela ngoba ngiyawuthanda umculo.

“Izingoma eziningi ezikhona lana zixoxa indaba kanti futhi ziyafundisa. Ngisebenze kakhulu nabaculi bakhona lapha eMgungundlovu abasafufusa kanti lokho kuyangijabulisa kakhulu,” kubeka yena.

UChonco uthe uzimisele kakhulu endimeni yezomculo.

“Njengoba sengiqedile esikoleni into engiyibheke kakhulu manje umculo wami ngoba ngifuna ukuwuthuthukisa ukhule uze waziwe nasemazweni angaphandle. Isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngisebenzisane nomculi ongaphansi kwesitebele i-Ambitiouz Records u-Saudi. Uyena umuntu engibukela kuyena kanti uyangikhuthaza kakhulu ukuba ngisebenze kanzima.”

Ngaphandle kokuba ngumculi kanye nomdidiyeli, uChonco uphinde abe ne-studio sokuqopha umculo esibizwa ngokuthi yi-Ice Crusher Entertainment.

Uphinde waveza ukuthi i-EP yakhe izobe itholakala ngosuku lomcimbi wokuyethula ngemali ewu-R20.

Ukungena kulo mcimbi kubiza u-R40 kanti i-VIP u-R80.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.