OwaseSigodini uselingisa kuZalo

2018-09-19 06:01
Kungesikhathi edlala indawo kamakaLilly kumabonakude.IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

Kungesikhathi edlala indawo kamakaLilly kumabonakude.IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWESIFAZANE waseSigodini uthi uzimisele ngokuphakamisa igama lendawo aphuma kuyona kanye neledolobha lakhe njengoba esezihlabanele ngendawo yokulingisa emdlalweni kamabonakude uZalo.

UNkk Zama Magubane Ngcobo (35) udlala indawo kamaka Lilly nokuyingane eseyicwile shi kwizidakamziwa.

Uzalo lukhonjiswa njalo ngo-8.30 pm kusuka ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ku-SABC 1.

Engxoxweni ekhethekile ne-Echo uNkk Ngcobo uthe kuyamjabulisa kakhulu ukudlala kulo mdlalo kanti kukhombisa ukuthi uyakhula kulendima yezokulingisa.

Uthe ngesikhathi ekhula wayengazi ukuthi ngelinye ilanga uyogcina esengumlingisi ovela kumabonakude.

“Ngesikhathi ngikhula nganginako ukuzitshela ukuthi nginalo ithalente ngoba ngangizithanda ezokulingisa kodwa nganginako futhi ukubuye ngizingabaze kwaze kwaba sengiyofunda emabangeni aphakeme i-Russell High School. Ngafika nakhona ngaqhubeka nezifundo zokulingisa kwaze kwaba omunye wothisha wami ungitshela ukuthi nginethalente elikhulu akumele ngiliyeke.

“Wangitshela ukuthi uma ngiqeda isikole kumele ngihambe ngiyokwenza izifundo zokulingisa ngingayeki ngoba ngizoya kude naleli thalente lami. Ilapho engaqala khona ukuthi ngibe nako ukuzethemba nami kuze kube ngiyahamba ngiyokwenza izifundo zokulingisa e-Durban University of Technology,” kubeka yena.

Uthe ngemuva kokuba eqede izifundo zakhe into ekade egxile kuyona kakhulu bekuwumdlalo weshashalazi (theatre) kwaze kwaba uthola ithuba lokuba adlale emdlalweni kamabonakude i-Intersextions.

Uthe kulo mdlalo wayengumlingisi ongeziwe njengoba wayedlala indawo yomhlengikazi owayengenalo ngisho igama. “Kwakungijabulisa nako loko ngoba kwakukhombisa ukuthi kukhona lapho engiya khona.Ngangikuqonda ukuthi kwesinye isikhathi uma ufuna ukuphumelela entweni kumele uqale endaweni encane bese uyakhula,” kubeka yena.

Uthe ukungena kwakhe kuZalo wayesekukhiphile enhliziyweni ngoba sase siside kakhulu kakhulu isikhathi elindile .

“Ngonyaka ka-2017 ngahlangana nomngani wami owangitshela ukuthi angangisiza angihambisele inamba yami kumdidiyeli woZalo ukuze bezingifonela uma ngabe kunenhlolokhono yokuthungatha umlingisi omusha. Ngahlala ngalinda kodwa ucingo ngize ngaluthola ngasekuqaleni kwalo nyaka nalapho kade ngitshela khona ukuthi angifike ngzie kwinhlolokhono .

“Ngemuva kokuba ngiyenzile inhlolokhono amehlo ami ayengasuki kumakhalekhukhwini wami ngoba ngangilindele ukuthi bangifonele kodwa kwaze kwaphela izinsuku ezimbili ngilindile nokwavele kwangidikibalisa ngazitshela nje ukuthi angiphumelelanga. Ngemuva kwezinsuku ezimbili ngathola ucingo bengitshela ukuthi angilethe isithombe sami kanye nesiqinisekiso sento lapho ngake ngalingisa khona. Ngaleso sikhathi angizange ngizitshele ukuthi ngabe sengiyitholile ngempela indawo. Kodwa ngathi uma ngifika nganikezwa amaphepha kwathiwa angiqale ngifunde olayini bami,” kubeka yena.

Nakuba engakatholi lo msebenzi ngokugcwele uNkk Ngcobo uthi uzimisele ukusebenza kanzima ukukhombisa ngethalente lakhe.

“Ayikho ente into engiyithanda njengokulingisa. Ukulingisa kufana kuyimpilo yami. Ayikho futhi into ejabulisa njengokwenza into oyithandayo.”

Ngaphandle kokulingisa uNkk Ngcobo usezinhlelweni zokuhambela izindawo kanye nezikole ezahlukene eMgungundlovu nalapho ezobe eqwashisa khona ngobungozi bokusetshenziswa kwezidakamizwa.Ubonge umyeni wakhe kanye nemenenja yakhe uSabelo Vilakazi ngokumeseka kusuka ekuqaleni ngesikhathi ethatha lolu hambo kwezokulingisa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.