Owe-Hip Hop uzokhipha ingoma

2019-03-27 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweUXolani Sithole nowaziwa ngo ‘Yung Ex’.

ISITHOMBE: sithunyelweUXolani Sithole nowaziwa ngo ‘Yung Ex’.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-Hip Hop waseMbali uXolani Sithole nowaziwa ngo “Yung Ex” uzokhipha ingoma yakhe yokuqala ngqa.

Le ngoma esihloko sithi All My Day’ izophume ekupheleni kwenyanga kaNdasa (March).

USithole (23) uthe into emenze ukuba abhale lengoma ingoba ufuna ukukhuthaza abantu abasha ukuthi bazimisele kuyona yonke into abayenzayo ukuze bezophumelela.

Uthe kumuthathe isikhathi esingangesonto ukuba ayibhale yonke lengoma ayiqede.

“Ngijabulile kakhulu ukuthi nami ekugcineni ngikwazi ukuthi ngikhiphe ingoma yami yokuqala.Okungijabulisa kakhulu ukuthi isizokwazi ukuthi idlalwe nasemisakazweni ngoba ngiyibhalisile ngokusemthethweni. Ngiyathemba ukuthi abantu kanye nabalandeli bami bazoyijabulela baphinde bayithande futhi.

“Ngalengoma ngifuna ukuthi ngisho umuntu eyilalele okanye uma eyicabanga akhumbule ukuthi kungani enza loko akwenzayo okuhle ukuthi ezokwenza ngokuzimisela ngaleyondlela aphumelele. Ngikhuthaza abantu abasha nje ngiphinde ngibakhumbuze ngokubaluleka kokwenza yonke into ngokuzimisela ukuze uzokwazi ukuphumelela,” kubeka yena.

USithole uthe waqala ukucula ngonyaka wezi-2013 kodwa akakaze akhiphe ingoma ayibhalise phansi kube eyakhe.

“Ngiyawuthanda umculo kakhulu. Impilo yami nje ngiphile ngomculo ingako kuyinto enkulu kumina ukuthi senginengoma esizokwazi ukudlalwa nasemisakazweni.Njengoba sengiqalile akuphelele lana ngoba ngizimisele ngokuthi ngikhiphe ezinye izingoma ngaphambi kokuba kuphele unyaka.”

Ingoma kaSithole entsha izotholakala ekhasini lakhe lika-Facebook :Yung Ex kanye nakwi-Internet kulabo abayidingayo..

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.