Owe-kwaito ne-CD entsha

2019-07-24 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweUmculi osanda kukhipha i-CD yakhe entsha uMpendulo Cebekhulu.

ISITHOMBE: sithunyelweUmculi osanda kukhipha i-CD yakhe entsha uMpendulo Cebekhulu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUKHULA elalela umculo we­kwaito kanye ne-hip hop ikona okwagcina sekumkhuthaza ukuthi naye mayekhula abe ngumculi.

uMpendulo Cebekhulu (30) waseBuffer usanda kukhipha i-CD yakhe esihloko sithi Kasi Made Me Compilation.

Le-CD enezingoma ezili-10 iphume ekupheleni kwenyanga kaNhlangulana (June).

Exoxa ne-Echo uCebekhulu nowaziwa ngo Mchar Lize uthe ujabule kakhulu ngale-CD yakhe kanti futhi uyathemba ukuthi abantu abaningi bazoyithokozela.

“Ngifake zonke izingoma zami engake ngazenza ngifake ngisho izinkulumo zami engangizenza emsakazweni ukuneka abantu ulwazi olujulile ukuthi ngisukaphi nomculo,” kubeka yena.

UCebekhulu akagcini nje ngokuba umculo kuphela kodwa uphinde abe umdidiyeli kanye ne-beat maker.

Uthe ukucula wakuqala ngonyaka wezi-2009.

“Ngikhule ngilalela kakhulu i-kwaito oMsawawa kanye nabanye abaculi be-hip hop. Bengiwuthanda vele lo mculo engiwenzayo kangangokuba ubaba wami nanye ubeze angithengele ama-CD ekwaito engizowalalela ngoba ubewubona uthando enginalo.

“Ngesikhathi ngiloku ngiwulalela njalo umculo ngagcina sengikhuthazekile ngazitshela ukuthi ngithi nami ngifuna ukuba umculi walo loluhlobo lomculo.

“Ngiyawuthanda kakhulu umculo kanti iphupho lami ukuthi ngikhule kuyona le ndima ngingagcini nje kuphela lapha eMgungundlovu kodwa ngigcine sengaziwa izwe lonke nomhlaba wonke,” kubeka yena.

Ngaphandle kokuba umculi nje uCebekhulu uphinde abe ne-clothing brand ayenza ngokuhlanganyela nomngane wakhe wathi bayiqale ngonyaka wezi-2014.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.