Owe-Kwaito uzokhipha ingoma entsha

2019-10-02 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUmculi we-kwaito uNhlakanipho Chiliza.

ISITHOMBE: sithunyelweUmculi we-kwaito uNhlakanipho Chiliza.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

LIBUKEKA liqhakazile ikusasa kumculi we-Kwaito uNhlakanipho Chiliza njengoba ezokhipha ingoma yakhe ye-16 esihloko esithi Wena Wedwa nezophuma mhlaka-4 kuMfumfu (October).

Kulengoma uChiliza uhambisana noZuziwe Ngcobo. Akugcini lapho njengoba ephinde waqokwa emncintiswaneni wezindondo owaziwa ngokuthi ama-Live Your Dream Youth Award nazobe eseThekwini mhla zingama-30 kuLwezi (November).

UChiliza uqokwe emkhakheni we-Best Upcoming Artist.

Ekhuluma ne-Echo uChiliza (21) nohlala edolobheni laseMgungundlovu uthe ujabule kakhulu ngengoma yakhe entsha kanti futhi unethemba lokuthi nabalandeli bakhe nabo bazoyamukela ngendlela efanayo.

UChiliza uthe waqala ukucula esasesikoleni samabanga aphansi ngonyaka wezi-2009 kanti ubehleli engumuntu onothando lomculo we-kwaito kusukela emncane.

“Ngijabulile kakhulu ngalengoma yami engizoyikhipha.

“Okungijabulisa kakhulu ukuthi isigqi sayo sehlukile kunalezi ezinye ebengizikhipha ngaphambilini.

“Kanti futhi nomyalezo wakho uqinisile ukhuluma ngothando.

“Ngikhule ngiwumuntu othandayo vele ukulalela lolu hlobo lomculo. Bengilalela abantu abafaka noMzekezeke, Brown Dash, Big Nuz kanye nabanye.

“Ngenxa yothando lwalo mculo ngibe sengiqala ngizibhalela mina izingoma zami ngiphinde ngiziqophele,” kubeka yena.

Uthe akagcinanga nje lapho kodwa wagcina esesungule iqembu lomculo we-kwaito elalaziwa ngokuthi Amaninjatainment.

Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe uthe ujabulile kakhulu kanti futhi unethemba lokuthi uzokwazi ukunqoba.

“Ngiyacela ukuba abantu bangivotele ukuze sizokwazi ukuthi sibuyise le ndondo ize ekhaya.

“Loko kuzosho lukhulu kumina ngoba ngifuna ukuphakamisa ifulegi ledolobha lami vele.

“Ngiyafisa nami ukuzibona ngikhula endimeni yezomculo ngibe ngusaziwayo womhlaba wonke ngenxa yomculo wami engiwenzayo.

“Kuningi esengikufundile vele kule ndima njengokubekezela kanye nokuzinikela uma ngabe wenza umsebenzi wakho,” kubeka yena. Uthe nakuba engakaze ayikhiphe i-album ngaphambilini kodwa kuyisifiso sakhe ukuthi ngonyaka ozayo akwazi ukuthi akhiphe i-album yokuqala.

Ukuvotela uChiliza kowezindondo SMS LYD883 ku- 45633.

I-SMS ibiza u-R1,50. Uvota noma ikangaki ukuvota kuzovalwa mhla zingama-29 kuLwezi (November) phakathi kwamabili.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.