Owe-Rap nengoma entsha

2020-01-29 06:01
ISITHOMBE: facebookUmculi we-rap uWandile Mnisi.

ISITHOMBE: facebookUmculi we-rap uWandile Mnisi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULI we-rap wase-Ashdown, uWandile Mnisi, uthi isifiso sakhe ukubona umculo wakhe ukhula uze ufike ezingeni lomhlaba.

UMnisi (26) nowaziwa ngelikaDash Dwidwilizana emculweni, uzokhipha ingoma yakhe esihloko sithi Emlanjeni nezophuma mhla zingama-21 kuNhlolanja (February).

Ekhuluma ne-Echo uMnisi uthe le ngoma iyi-cover yengoma yeqembu elaziwa kakhulu kuleli iMafikizolo kodwa wathi yona ithe ukwehluka kancane.

“Ingoma isakhuluma ngalo uthando kodwa iphinde ithinte nomuntu osejele oboshiwe,” kubeka yena.

Uthe into emenze waba nogqozi lokwenza le ngoma yingoba ubefuna ukudlulisa imiyalezo eyehlukene ebantwini, ikakhulukazi intsha.

“Into eyenze ukuthi ngithi ngifuna ukwenza ingoma yingoba bengifuna ukudlulisa umyalezo ngento abantu abazoyijabulela bangabi nomzwangedwa uma ngabe bewulalele umyalezo.”

UMnisi uthe uqale ukungena endimeni yezomculo ngonyaka wezi-2009 kanti seloku engenile usekhiphe ama-album ayisihlanu (5).

“Yonke le minyaka ngisemculweni isifiso sami manje ukuthi ngikwazi ukuthi ngisayinwe ngaphansi kwenkampani ngoba sonke lesi sikhathi bengizenzela yonke into ngingenayo nemenenja.

“Ngifuna ukuthi umculo wami ukhule ngikwazi ukuthi ngikhuthaze ngawo abantu ezweni lonke,” kubeka yena. Ingoma kaMnisi izotholakala online kwi-datafilehost. Ukuthola kabanzi mayelana nale ngoma ungamlandela ezinkundleni zokuxhumana u-Facebook: Dash Dwidwilizana ukuze uzothola i-link yengoma.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.