OweSibaya uvakashele eSobantu

2019-02-20 06:02
isithombe: lethiwe makhanyaUNksz Londiwe Ngcamu (kwesokudla) noSibusisiwe Jili odlala indawo kaZanele kwiSibaya.

isithombe: lethiwe makhanyaUNksz Londiwe Ngcamu (kwesokudla) noSibusisiwe Jili odlala indawo kaZanele kwiSibaya.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMLINGISI womdlalo kamabonakude Isibaya uNksz Sibusisiwe Jili nodlala indawo kaZanele uvakashele endaweni yaseSobantu ngoLwesine olwedlule mhla ziyi-7 kuNhlolanja (February) nalapho kade ezokweseka khona omunye umlingisi waseMgu­ngundlovu osanda kushaywa kanzima uNksz Londiwe Ngcamu.

UNksz Ngcamu washaywa walinyazwa kanzima emasontweni amabili edlule ngemuva komdlalo wabo weshashalazi owawukhonjiswa eWinston Churchill i-7 days of War.

UNksz Jili nowongokudabuka khona eMgungundlovu endaweni yaseDambuza uthe kubalulekile ukwesekana njengabantu besifazane abasemkhakheni wezokulingisa ikakhulukazi. Uthe ngesikhathi efunda ngezindaba zokulinyazwa kukaNksz Ngcamu washayeka kakhulu wezwa nobuhlungu.

“Sonke singabalingisi bangandawonye kumele sesekane ngaso sonke isikhathi. Ngiyazi ukuthi mhlawumbe singangazizwa izinhlungu yena azizwayo kodwa ungumuntu wesifazane oqinile nonesibindi ngokuthi akwazi ukuthi aphumele obala akhulume. Kubuhlungu kakhulu uma ngabe ukuhlukunyezwa kanye nokugxekwa kuzophuma kumuntu okanye abantu osondelene nabo nozitshela ukuthi bayakuthanda.

“Ngifisa nje uLondiwe azi nje ukuthi sinaye kanti futhi sizomeseka kukona konke. Akekho yedwa kulobu buhlungu abuzwayo kodwa nathi sinaye,” kubeka yena.

Uqhube wathi uyafisa sengathi abantu besifazane abaningi abahlukunyezwayo bangakwazi ukuthi baphumele obala bazimele.

“Sekukhulunyiwe kaningi ngendaba yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane manje sekuyisikhathi sokuthi basukume bathandaze bazi futhi ukuthi bayimbokodo eqinile. Inkinga enkulu ngabantu besifazane ukuthi sikhothamela abantu besilisa kakhulu sibenze izindlondlo kanti iqiniso ukuthi nathi siqinile siyimbokodo singazenzela noma yini ngaphandle kwabo.Abantu besifazane kumele bazi ukuthi akumele bahlale ebudlelwaneni abahlukumezeka kubona. Kuyasijabulisa ukubona umuntu wesifazane onesibindi njengoLondiwe,” kusho yena.

UNksz Ngcamu uthe ukujabulele kakhulu ukuvakashelwa ilo mlingisi kanti futhi kumenze wakhuthazeke kakhulu ekuqhubekeni nokwenza umsebenzi wakhe.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.