Owesifazane ulunywe yizinja

2017-09-20 06:00

OWESIFAZANE ulunywe yizinja walimala ngoLwesine oledlule, ngomhlaka 7 kuSepthemba.

Okhulumela abosizo lokuqala bakwa-ER24, uMnu. Russel Meiring uthe abosizo lokuqala bakwa-ER24 bebephuthuma kwesinye isigameko ngenkathi bemiswa amalungu omphakathi ababikele ngowesifazane olunye yizinja.

Uthe abosizo lokuqala baholelwe emagcekeni kwesinye sezikhungo zemfundo ephakeme zaseMgungundlovu lapho athole khona lo owesifazane.

“Owesifazane ubenamanxeba okulunywa yizinja emilenzeni, ezingalweni, entanyweni kanye nasekhanda,” kusho uMnu. Meiring.

Uthe ngenkathi abosizo lokuqala besaxilonga lo owesifazane kubikwa ukuthi kube khona esinye isisulu somuntu wesilisa esihlaselwe yizinja ezilume yena lo owesifazane. “Lomlisa uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuolunywa yizinja,” kusho uMnu. Meiring.

Uthe abakwa-SPCA bebesendaweni yesigameko ukuzoqanda izinja lezi ezihlasele lo owesifazane nowesilisa.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.