Owokholo nengoma entsha

2018-11-21 06:02
ISITHOMBE: sithunyelwrUMnu Vusi Nkosi.

ISITHOMBE: sithunyelwrUMnu Vusi Nkosi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMCULO wokholo wasendaweni yaseSobantu uthi ukucula kwakhe umculo wokholo akakuthathi njenge thalente kuphela kodwa kuyena kuwubizo.

UMnu Vusi Nkosi (31) usanda kukhipha ingoma yakhe esihloko sithi ‘Nginguye’ nathi unethemba lokuthi izoshintsha jizimpilo zabantu abaningi.

Le ngoma yakhe uthe iphume ngokusemthethweni ngenyaka kaNcwaba (August) kanti kumanje isiyatholakala kwi-Internet.

Exoxa ne-Echo ngohambo lwakhe emculweni uMnu Nkosi uthe waqala ukucula esasesikoleni samabanga aphansi kanye nasesikoleni samabanga aphezulu kodwa waqala ukubhala izingoma ngonyaka wezi-2008.

“Ngakhipha i-album yami yokuqala ngonyaka wezi-2013 kodwa ayizange isabalale ngalendlela engangithanda ngayo. Njengoba ngikhiphe lengoma yami entsha ngizimisele ukusebenza kanzima ukuthi ngiyenza yaziwe ebantwini ngihambele izindawo ngazisa abantu ngayo njengoba sekuphume ngisho-i-music video yayo ekhona ku-YouTube uma abantu befuna ukuyibona.Abantu ngiyabathembisa ukuthi bayilalele le ngoma angeke baze bazisola ngoba ingoma emnandi kakhulu ytokudumisa kanti ididyelwe uDumi Mkokstad,” kubeka yena.

UMnu Nkosi uthe uma ecula nje akusikona ukuthi uyacula kuphela kodwa usebenzisa umculo wakhe ukushumayela kanye nokudumisa uNkulunkulu njengomuntu osindisiwe.

“Ngifuna ukukhuthaza intsha ekulendima yomculo wokhol o ukuba izijwayeze ukuthi izibhalele yona izingoma zayo ngoba sesikhathel ukuzwa izingoma ezifanayo njalo ngoba abantu abazibhaleli izingoma zabo.

Njengabaculi kumele siveze amakhono ethu sizibhalele thina izingoma ezihlukile ezimnandi ezizojabulisa abalandeli bethu.”

Uqhube wathi kumanje bamatasa basebenza kwenye futhi ingoma ezophuma ezinyangeni ezizayo esihloko sithi ‘Ubumnyama buyaphela’.

Ngaphandle kokuba umculi uMnu Nkosi ungumnikazi wenkampani yokuqopha i-Bic Mic Music nasanda kuyivula. Usesebenze nabaculi abaningi ngaphambilini okubalwa kubona uNondumiso Hadebe, Thabani Hadebe, Bheki Mnguni kanye nabanye.

Uthe uzimisele nangokwenza umcimbi wokwethula le ngoma ngokusemthethweni.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.