Owomsakazo uhlonishwe ngeziqu zobudokotela

2018-12-19 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUMnuz Mmeli Mbongwa (kwesobunxele) kanye noMnuz Muzi Sibiya.

ISITHOMBE: sithunyelweUMnuz Mmeli Mbongwa (kwesobunxele) kanye noMnuz Muzi Sibiya.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNIKAZI wesiteshi somsakazo somphakathi uMgungundlovu FM uMnuz Muzi Sibiya uhlonishwe ngeziqu zobudokotela ngenxa yamagalelo akhe emphakathi waseMgungundlovu.

UMnuz Sibiya uhlonishwe ngoMgqibelo mhla ziyi-8 uZIbandlela (December) i-United Christian Believers International Church (UCBI) emcimbini obubanjelwe ejele elidala eMgungundlovu.

Ekhuluma ne-Echo uMnuz Sibiya uthe ubengakulindele ukuthi usengaze ahlonishwe ngeziqu ezingaka ngenxa yokwenza umsebenzi wakhe. Uthe ngaphambilini wayenako ukuthi ngelinye ilanga uyozithola iziqu zobudokotela kodwa wayezitshela ukuthi uzozithola ngokuthi wabuyela esikoleni wayoqhuba izifundo zakhe.

“Ngijabulile kakhulu kangangokuba namanje ngisazama ukukuzinsisa ekhanda ukuthi sengiwudokotela ngempela ngoba akukholakali.

Nangesikhathi bengibiza bengitshela ukuthi ngiyahlonishwa ngalesi ziqu angizange ngikhohlwe.

“Kwesinye isikhathi wena uyaye uqhubeke uzenzele umsebenzi wakho kanti awazi ukuthi kukhona abantu abayibukayo lento enhle oyenzayo. Ngangithukile nangesikhathi ngizamukela lezi ziqu. Angikaze ngicabange ukuthi kunabantu ababukayo zonke izinto ezinhle engizenzayo. Indlela eqhamuke ngayo lento iyethusa kodwa futhi loko kukhomba ukuthi ivela kuNkulunkulu akekho omunye,”kubeka yena.

Uqhube wathi lokhu okwenzekile kuyakhuthaza ukuthi abantu baqhubeke basebenze kanzima.

“Baningi abantu abasebenza kanzima okumele ngabe nabo bayazithola lezi ziqu kodwa iNkosi ivele yabusisa mina kuqala. Ngithanda nje ukubonga kakhulu labo abangihloniphile kanye nabo bonke engibambisene nabo ngoba lo msebenzi angiwenzi ngedwa.

Futhi ngibonge kakhulu abalaleli okuthe nokuyibona abeseseka kakhulu. Siyathembisa nje ukuthi sizoqhubeka nokusebenza kanzima sisebenzela umphakathi wethu,”kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.