PLSE Don’t delete box

2017-09-20 06:00
Umndeni kaMnu. Nicholas Luthuli (50) ohlala kulendlu uthi usaba ukuthi lesi sakhiwo singabhodlokela phezukwakhe yingakho befisa usheshe wakhiwe umxhaso kahulumeni isicelo sawo abasifaka eminyakeni eyedlule.Izithombe: Zithunyelwe

Umndeni kaMnu. Nicholas Luthuli (50) ohlala kulendlu uthi usaba ukuthi lesi sakhiwo singabhodlokela phezukwakhe yingakho befisa usheshe wakhiwe umxhaso kahulumeni isicelo sawo abasifaka eminyakeni eyedlule.Izithombe: Zithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNDENI wakwaMngadi endaweni yaseZayeka eSweetwaters ukhala ngokuthi sekuphele iminyaka wafaka isicelo sokwakhelwa indlu exhaswe nguhulumeni kodwa namanje isicelo sabo asikaze sifezwe.

Ilungu lomndeni, uNksz Babhekile Mngadi uthe njengoba singakafezwa lesi sicelo elinye ilungu lomndeni liphoqelekile ukuba lihlale endlini ebhidlikayo.

Uthe kulendlu ebhidlikayo enezindonga ezigqobhokile kanti ephinde inethwe uma kuna imvula ngenxa yophahla oluvuzayo kuhlala umalume wakulomndeni, uMnu. Nicholas Luthuli oneminyaka engu 50, ongaphathekile kahle ngokwengqondo.

“Bekuhlala umshana wakhe uNicholas onguSiyabonga Luthuli oneminyaka engu-30 kumanje, naye umshana kaNicholas akaphathekile kahle ngokwengqondo. Ngenxa yokwesabela yena uSiyabonga ngibuka isimo esikuyona indlu yasekhaya ngabona kugcono ngimuthathe uSiyabonga ngizohlala naye. Kodwa kwamanje nomalume ngiyamusabela ngoba leyandlu kungenzeka iwele kuyena,” kusho uNksz Mngadi.

Indlu okuhlala kuyona uMnu. Luthuli yakhiwe ngodaka kanti ifulelwe ngezinkethe. Ngokusho kukaNksz Mngadi lendlu yakhiwa ngomkhulu balomndeni ngenkathi befikela kulendawo.

UNksz Mngadi uthe umndeni usuke wayobheka emnyangweni kahulumeni ofanelekile ukuthi ngabe ngenkathi kubhaliselwa izindlu eyabo yavunyelwa na bathola ukuthi umnyango wakugunyaza ukuthi lomndeni wakhelwe indlu yomxhaso kodwa namanje ekukaze kube khona eyakhiwe.

UMnu. Ntokozo Mtsikithi, oyilungu lomphakathi wakulendawo oxhumane naleliphephandaba ngoba ekhathazekile ngesimo uMnu. Luthuli ahlala kusona, uthe into exaka kakhulu ukuthi amanye amalungu omphakathi abenezakhiwo ezisesimeni esingcono kuna lesi esihlala uMnu. Luthuli wona asezitholile izindlu zomxhaso kahulumeni.

Uthe: “Singomakhelwane bakhe uMnu. Luthuli siyazibuza ukuthi ngabe kanti yini eyenza ukuthi eyakhe indlu kahulumeni kuthathe isikhathi eside kangaka ukuthi yakhiwe ngoba le ahlala kuyona ayikho sesimeni esifanele ukuthi ingahlala umuntu,” kusho uMnu. Mtsikithi.

Uthe bonke omakhelwane basaba ukuthi uma kuba khona isimo sezulu esingesihle kakhulu kungenzeka kube nomshophi wokuthi indlu le ibhodlokele phezukwakhe uMnu. Luthuli.

“Ungumuntu oziphilisa ngokuthi athungele abantu basemphakathini izicathulo futhi uphinde enze neminye imisebenzi,” kusho uMtsikithi.

Uqhube wathi loludaba laze langenelelwa ikhansela ebeliphethe ngenkathi edlule kodwa namanje uMnu. Luthuli akaze ayithole indlu.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.