Qaphela uyaqolwa

2016-09-28 06:00
PHOTO: nokuthula khanyile UKapteni Khosi Khonjelwayo.

PHOTO: nokuthula khanyile UKapteni Khosi Khonjelwayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMAPHOYISA asekhiphe isexwayiso sokuba abantu baqaphele bangabi yizisulu zemikhonyovu eqhubekayo maphakathi nedolobha laseMgungundlovu.

Ekhuluma ne-Maritzburg Echo, oyibamba lomkhulumeli wamaphoyisa esiteshini samaphoyisa akuLoop Street uKapteni uKhosi Khonjelwayo uthe liya ngokunyuka izinga lomkhonyuvu wamakhadi asebhange, abaphrofethi mbumbulu kanye nabagwaziselwa imisebenzi.

UKapteni Khonjelwayo uthe izigebengu zinendlela yokuheha izisulu ezigcina zilahlekelwe izindodla zemali ngalemikhonyovu.

Phakathi kweminye yemikhuba athe ingenisile owokuhehwa kwabantu ezitolo zokudla noma zezingubo.

“Bangazithola bedidiswa umuntu wesifazane noma owesilisa ongabatshela ukuthi unolayini ngaphakathi noma wazi imenenja ephethe engabatholela izimpahla ngamanani aphansi.

“Emuva kwalokho bakutshela ukuthi shiya isikhwama sakho nabo ungene ngaphakathi ukhethe impahla oyifunayo ngesikhathi usengaphakathi bakhale bemuke nesikhwama sakho.”

Uthe omunye umkhonyovu odle lubi kulelidolobha owabantu abathola ngemali emgaqweni.

“Sixwayisa abantu ukuthi bangahambe becosha oplastiki ababathola phansi abanemali. Kunomuntu ozowisa uplastiki onemali phambi kwakho bese ethi kuwena nizocazelana ngoba niyithole nobabili.Uzothi usajatshuliswe yilokho bese kuqhamuka abanye abantu bezenza amaphoyisa bakuthathe bahambe nawe bese bekuphoqa ukuthi ukhiphe yonke imali onayo.”

UKapteni Khonjelwayo uthi lamaphoyisa mbumbulu abe esenika isiZulu imvulophu athi imali ayifake phakathi nokuthi uma uvula ufice kugcwele amaphepha.

Uphinde waxwayisa ngabantu abakhipha imali uma bethenjiswe imisebenzi.

“Akekho umuntu ekufanele umnikeze imali kadrink ukuze uthole umsebenzi wokuba yiphoyisa, ujele noma umhlengikazi. Uma kukhona umuntu okuthembise umsebenzi kodwa wathi gwaza hamba uyobika emaphoyiseni ngoba uma ukhokha ungabekwa icala lenkohlakalo.”

Uthe amalunga omphakathi kufanele aqaphele nabaprofethi bamanga abathembisa ukuphindaphinda imali.

“Isikhathi esiningi laba-profethi kusuke kungabantu bangaphandle abafike kuleli bezokwenza ubugebengu besebenzisa izinkoleloze.

“Siyanxusa ukuthi abantu bangahambi beyobabheka labaprofethi futhi bangawathathi amapheshana akhishwa emgwaqweni kodwa bathandaze kuNkulunkulu ukuthi abaxazululele izinkinga zabo okanye bacele usizo kubammeli abasemthethweni.

“Ungavumi badlale ngawe bathi bazocela amadlozi akho abanike imali yakho.”

Obunye ubugebengu obudlangile obokuqolwa kwabantu uma besebenzisa imishini yokukhipha imali.

“Okokuqala bashintsha iskrini kwi-ATM ngokufaka ikhadi lokukhokhela umakhalekhukhwini.

“Bese belikhipha lelikhadi ngesikhathi umshini usalinde eminye imiyalelo. Basuke kwi-ATM bese belinda isisulu sabo ukuthi sifake ikhadi kwi-ATM.”

Uthe umshini awube usavuma ukuthi isisulu siqhubeke nokukhipha imali. Nokuyilapho isigebengu singenelela khona sitshele isisulu ukuthi naso sike sabhekana nenkinga efanayo phambilini.

“Isigebengu sibe sesitshela isisulu ukuthi sicofoze izinamba eziyimfihlo ukukhipha imali.Kube sekuqhamuka isigebengu sesibili esididisa isisulu bese sikhipha ikhadi kwi-ATM liyosetshenziswa komunye umshini isisulu sizitshele ukuthi ligwinywe umshini.”

Uthe ngesikhathi isisulu sifonela i-Call Centre yasebhange imali isuke isivele ikhishiwe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.