Sebehlala namagundane ngenxa kadoti

2019-06-12 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIndawo yokulahla engekho emthethweni nokuthiwa isilande amagundane.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIndawo yokulahla engekho emthethweni nokuthiwa isilande amagundane.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAHLALI baseMbali Unit 1 emgwaqeni uSanqawe nohamba uze uyophumela kuMkhiwane Road bathi impilo ayisekho yinhle njengoba ingemuva lendlu zabo selivele laphenduka indawo yokulahla udoti ngokungemthetho.

Lo mndeni ongathanda ukuba udalulwe uthe awusakwazi ngisho ukuthi uvule amawindi uma ngabe kushisa ilanga ngenxa yephunga kanye nezimpukane.

Utshele i-Echo ukuthi ukulahlwa kukadoti ngemuva kwendlu yabo kuqale eminyakeni emibili eyedlule kodwa manje isimo sesisibi kakhulu njengoba sekucishe kuvaleka ngisho nendlela.

“Ayikho into engalahlwa kule ndawo kusukela kudoti, amanabukeni ezingane ngisho nezihlahla imbala konke kujikijelwa la. Kusuka ngisho abantu abangahlali lana beze bazolahla lana. Kwesinye isikhathi ngisho uthi uhleli uyabagada ukuthi bangalahli kodwa unele usithele ubone sekulahliwe. Kunendlela ehamba khona ngemuva kwendlu kodwa nayo isifuna ukuvaleka ngenxa yokwanda kukadoti,” kubeka ilungu lomndeni.

Uthe ngaphambilini lendawo bebeyisebenzisela ukutshala kodwa abantu bagcina bezitapela kuyona ngoba bethi akusiyona indawo yawo kepha yindawo kamasipala. Uveze ukuthi wabe usuyeka nokwaba ilapho sekuqala khona izinkinga zokuthi lendawo iphendulwe indawo yokulahla udoti ngokungemthetho.

“Kuyanuka akubezekezeleki ikakhulukazi uma ngabe kuke kwashisa. Awukwazi ngisho ukuvula umnyango okanye ukuhlala ngaphandle ngoba kuyanuka. Amagundane nawo ayazenzela njengoba esehleli egcwele layikhaya ephuma kuyona le ndawo. Sisanda kuthola nezinyoka ezintathu nesisola ukuthi ziphume kuyona lendawo njengoba isiphenduke indawo eyihlathi.”

Uthe abakhathazekile nje ngokungcola kuphela kodwa basaba nokuthi le ndawo izogcina isisetshenziselwa ukubamba abantu inkunzi. Uthe uzamile ukulubika udaba ekhanseleni lendawo, uMnu Caiphus Ndawonde, kodwa lamtshela ukuthi umasipala unezinkinga njengoba ungaphansi kweso lomlawuli.

“Into esiyifunayo nje ukuthi kulethwe ugeleja uzohlanza uqoqe wonke lo doti.” Imizamo yokuthola ikhansela ayiphumelelanga.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.