Sebephila ngamanzi esiphethu KwaZayeka

2018-10-17 06:02

UMPHAKATHI wasendaweni yaKwaZayeka East eSweetwaters uthi awusazi ukuthi kumele wenzenjani ukuze uzolungiselwa udaba lwamanzi.

Lo mphakathi ukhala ngokuthi sekuphele iminyaka ethi ayicishe ibe mihlanu unenkinga yokuphela kwamanzi kodwa manje uthi isimo sengathi sesisibi kakhulu njengoba sekuke kuphele ngisho izinsuku eziningi bengenawo amanzi.

Kwezinye izindawo lo mphakathi uthi ayafika amanzi kodwa kwezinye kuphela ngisho isonto engekho kanti futhi nezimoto ezithutha amanzi azithunyelwa, kunalokho umphakathi kumele uzibonele ukuthi wenzenjani uma amanzi engekho.

UMnu Ntokozo Ntsikithi nongumholi womphakathi uthi sekukaningi belubika lolu daba lwenkinga yamanzi kodwa kuze kube yimanje alukaze lulungiswe.

Uthe njalo uma belubika bebethenjiswa ukuthi bazolungiselwa kodwa lokho akwenzeki.

“Satshelwa ukuthi kunama-valve aphukile kumaphampu amanzi ekudingeka ukuthi athengwe umasipala.

“Okusididayo ukuthi kusukela ngonyaka ka-2016 sitshelwa into efanayo, ngoba sebeyayazi ukuthi inkinga ikuphi kungani ke bengayilungisi kunokuthi kusokoliswe abantu ngale ndlela.

“Abantu abaningi sebephoqeleka ukuba bahambe ibanga elide bethwele amabhakede beyokha amanzi esiphethwini ngoba ayikho enye into abazoyenza.

“Nalawo asesiphethwini akunasiqiniseko sokuthi asezingeni lokuthi angaphuzwa abantu ngoba aphuma kwisigwedlo esidala esingasasebenzi nakahle,” kubeka yena.

UNks Nikeziwe Mdladla oyisakhamuzi uthe sebephila impilo yokuthi bahlale bengalali ebusuku ngoba belinde ukubuya kwamanzi nagcina engabuyanga isikhathi esiningi.

“Kudala ayenomkhuba wokuthi abuye ezintathakusa nokwakuthi uma kushaya ihora lesihlanu ekuseni bese ayanqamuka.

“Manje-ke isimo sibi kakhulu ngoba nje asez ibuyela noma inini uthole ukuthi abuya ekhaya emini akukho muntu nisemsebenzini izingane zona zisesikoleni.

Ukuthi uwatholile noma cha inkinga yakho leyo.

‘Nakhona uma ebuyile abuya isikhathi esincane aphinde ahambe okanye kuphele izinsuku nje futhi engabuyi.

“Impilo inzima ngoba nje asikwazi kwenza lutho.

Asikwazi ukuwasha, uma ugeza kumele ucabange ukuthi kungenzeka ningabi nawo amanzi izinsuku eziningi zilandelana.

“Angisayiphathi ke eyabantu abakhayo. Izindlu eziningi zimile azikwazi ukuqhubeka kahle ukwakhiwa ngenxa yenkinga yala manzi.

“Sihlezi sithenjiswa ukuthi sizolungiselwa kodwa asiboni muntu osebenzayo okukhombisa ukuthi inkinga yethu iyalungiswa,” kubeka yena .

Elinye ilunga lo mphakathi elingazidalulanga igama lithe: “Kuyaye kuphele isonto singenawo amanzi siphoqeleke ukuba siyowakha esiphethwini sithwale amabhakede ekhanda.

Asazi noma asesimweni yini amanzi esisuke siwaphuza kodwa ayikho nathi into esizoyenza ngoba akukho lapho sizowathola khona amanzi. Isiphethu yiyona ndawo esiphephela kuyona ukuze sikwazi ukuqhuba impilo.”

Ikhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Mtshali uthe uyazi ngale nkinga ebhekene nomphakathi kwazise naye uhlala khona endaweni yakaZayeka.

Uthe inkinga enkulu ababhekene nayo ukuthi isisbalo sabantu asebehlala kulendawo sesisikhulu kakhulu nokwenza ukuba ingqalasizinda yabo yehlukele ukuba ibaphakele ebonke amanzi.

“Enye inkinga esibhekee nao futhi ukuthi kunabantu abamingi abaxhume amanzi ngokungekho emthethweni nokube sekuphazamisa uhlelo lwamanzi ukuba angasabalali ngendlela.

Kunokunye nje ukuxhunywa ngokungekho okusemthethweni kwamanzi esikuthole ngesonto eleldlule.

Umuntu owaxhuma lapha kwathi uma esebona ukuthi sekuqhumnile wangabe esabika ngoba uyazi ukuthi uxhume ngokungekho emthethweni.

Indlela esekuyiyona sekuyidamu ekungangena khona umuntu ,” kubeka yena.

Uqhube wathi kumanje bamatasa balungisa indaba yenkontileka ezolungisa udaba lwamanzi kulendawo nokulindeleke ukuab iqale ngemuva nje kwezinyanga ezimbi.

“Inkontileka izonweba amapayipi abe makhulu ukzue ezowkazi ukumelana nenani labantu asebehlala kule ndawo ukuze bonke bezothola amanzi,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.