Sekumi ngomumo kowa-Miss Mgungundlovu

2018-07-25 06:02
uBusiswa Mkhize wase-Edendale owadla umhlanganiso ngonyaka ophelile.ISITHOMBE: sithunyelwe

uBusiswa Mkhize wase-Edendale owadla umhlanganiso ngonyaka ophelile.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UPHINDE wakhuza ibuya uzime omkhulukazi owaziwa ngokuthi u-Miss Mgungundlovu.

Lo zime uhlelwe Intabayabantu kanye neSpiral Modelling Agency.

Ngokusho kukaMnuz Mbuso Nyandu ongumsunguli weNtabayabantu Modelling Agency uthe lo zime uzoqale uhlunge abazoba kowamanqamu mhla ka-4 kuNcwaba (August) emtwapweni wolwazi i-Bessie Head Library kusuka ngo 9 ekuseni.

Umncintiswano omkhulu wamanqamu uzoba ngoMgqibelo mhla ka-29 kuMandulo (September).

Uthe izintokazi ezizohlungwa zizobe sezilwela isicoco nomklomelo wemali elinganiselwe ku-R15 000.

Ukungenela lo mncintiswano u-R150 umuntu ngamunye kanti izingane ezineminyaka esuka kweyi-8 kuya phezulu zamukelekile ukuthi zingangenela.

“Kulo mncintiswano silindele izintokazi eziphuma komasipala abahlukene abangaphansi kwesiFunda soMgungundlovu kanti lo mcimbi uzoba seqophelweni eliphezulu uma uqhathanisa nemicimbi yangaphambilini.

“Njengoba senza imicimbi efana nalena ingoba sifuna ukuhlanganisa intsha ndawonye ngento ezoyikhulisa iphinde iyifundise nokuziphatha. Intsha eningi kwaziwa ukuthi ihlangana uma uma yenza izinto ezingalungile, sifuna ukushintsha lokho. Sifuna bahlangane ngezinto ezinhle bakwazi ukufundisana ,” kubeka yena.

Ngeminye imininingwane egcwele ungaxhumana noMnuz Nyandu ku 071 505 0738.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.