Sekuphele iminyaka ehlala endlini ewayo

2019-06-26 06:01
Indlu ehlala uSphamandla Mkhize.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Indlu ehlala uSphamandla Mkhize.ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUVUKE ukukhathazeka ngesimo sendlu sowesilisa wasendaweni yaseSweetwaters esekuvele ukuthi sekuphele iminyaka ehlala endlini yodaka ewayo njalo uma kuke kwaba khona izimvula ezinkulu okanye umoya omkhulu. uSphamandla Mkhize (25) waKwaZayeka kuthiwa sekuphele isikhathi ehlala endlini yakubo yodaka engawa noma inini uma ngahle kufika izimvula ezinkulu.

Ngokusho kukamakoti wakubo uNkk Nonkululeko Mndaweni uthe lendlu eseyisele namagumbi amabili kuphela yayinamagumbi amahlanu kodwa manje isinamagumbi amabili kuphela. “uSphamandla akasenabani usesele yedwa nje kanti futhi usebenza imisebenzi eyamatoho akakwazi ukuthi angakwazi ukuthi aqale phansi akhe umuzi. Njalo uma ngabe like lanetha kakhulu ebusuku sinomsebenzi wokuthi kumele sivuke sikhathazeke siyobheka ukuthi kungabe indlu ayikakawi yini.

“Indlela lendlu eseyiyiyona uma ngabe kungafika izimvula ezinkulu ingawa yonke phansi nalapho kuyobe sekusho ukuthi uSphamandla uphelelwe indawo yokuhlala,” kubeka yena.

Uqhube wathi enye into ebakhathaza kakhulu ukuthi uma ngahle kwenzeke ukuthi lendlu igcine iwe yonke kuzobe sekusho ukuthi kuphelile ngendaba kaSphamandla.

Uqhube wathi uSphamandla wake wazama ukubhalisela indlu yomxhaso ngonyaka wezi-2014. Uthe wathi uma ngabe eseyobheka ukuthi kungabe kwenzakalani wafike watshelwa ukuthi isitifiketi sengane asihambisa sikhomba ukuthi sesake sasebenza ngaphambilini ngesikhathi kucelwa indlu yomxhaso. “Isitifiketi asisebenzisa esengane yami ngoba akanaye omunye umuntu.

Into esiyifunayo nje ukuthi athole indlu yomxhaso.”

Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwabantu uMnu Mbulelo Baloyi ukuqinisekisile ukuthi uSphamandla wafaka isicelo sendlu yomxhaso kodwa sangaphumelela ngenxa yokuthi kwakungalandelwanga indlela efanele. “Kumele aye kwi-war room ye-Operation Sukuma Sakhe ewadini lapho ehlala khona acele ukungenelela kwekhansela elizosho ukuthi abhekelelwe. Udaba lwakhe lukufanele loku ngoba uyena ingane eyinhloko yekhaya.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.