Sekuphele iminyaka eli-13 bengenawo amanzi

2019-07-31 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweAmalunga omphakathi ekha amanzi ethangini elidala.

ISITHOMBE: sithunyelweAmalunga omphakathi ekha amanzi ethangini elidala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAHLALI basendaweni yaseChibini kanye nakaGcina eMaqongqo bathi abasazi ukuthi kumele benzenjani ukuze bezothola amanzi aphuma empompini yabo.

Laba bahlali bathi amanzi agcina ukuphuma empompini yabo ngonyaka wezi-2006 kuze kube imanje abanawo amanzi.

Bathi sebephila ngamanzi abawathola elolilni elithwala amanzi nalo elingafiki nsukuzonke.

Lesimo esesiphenduke insakavukela, sesiphoqe umphakathi ukuthi uziphilise ngamanzi abawathola eziphethwini kanye nasethangini elalakhiwe uMnyango wezoLimo ngonyaka wezi-2011 wakhele abantu ababenezingadi ukuthi basebenzise lawo manzi ukuchelela izingadi zabo.

Elinye ilunga lomphakathi elikhulume ne-Echo lithe ompompi babo aebeze bamila ukhula ngoba vele abasebenzi njengoba amanzi engaphumi.

“Owasekhaya umpompi sesaze sakhetha ukuwukhipha qobo ngoba vele siyabona ukuthi awukho umsebenzi wawo. Nakulona leli thangi esilisebenzisayo manje alilungile ngoba silibanga nezinkomo. Kungekudala nje kusanda kungena inkomo phakathi kwaze kwaphoqeleka ukuba ikhishwe abantu. Kuke kwaba khona inkontileka efikile ukuba izokwakha ithangi lesibili elizokwazi ukuthi lilekelele ekuphakeleni umphakathi ngamanzi ngoba leli elikhona beselingasakwazi ngenxa yokuthi umthamo wabantu abahlala kule ndawo usumkhulu kakhulu. Ngemuva kwaloko yavele yahamba yathi imali ayisekho. Kwafika enye eyayizofaka amamitha nayo sekuphele izinyanga ezimbili ihambile bathi imali ayisekho asazi ukuthi sizokwenza njani,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi elihlala endaweni yakaGcina lithe: “Kwake kwazameka ukuthi amanzi angathi ayabuya kodwa kwaphinda kwabuyela emuva aphela amanzi. Uma ngabe kwenzekile ukuthi liyadlula iloli elithwala amanzi ungayibonanga kuyakuphoqa ukuba uhambe ibanga elide elilinganiselwa ku-7km uyokha amanzi eziphethweni. Noma usufika khona uyaye ubhekane nenkinga ngoba ufica ogogo abadala nabo sebefikile bezokha amanzi bese siyabasiza ngoba akukho lula nakhona ukuthi bakhe amanzi. Isiphatha kabi lento ngoba siyaye sizibuze ukuthi uma ngabe singekho abantu abadala bayaye benze njani uma bezokha amanzi ngoba lendawo imbi iyiwa lapho sikha khona. Into esiyifunayo nje ukuthi silungiselwe amanzi,” kubeka yena. Omunye uthe : “Amanzi nje into esesingasayazi sesiyanuka ngisho ezimotweni ngoba sigeza siciciyela. Sithuma izingane ukuthi ziyosikhelela wona lamanzi angcolile asigulisayo. Siwaphuza nezinkomo nezimbongolo kodwa-ke ayikho into esizoyenza ngoba ayikho enye indlela.”

Ikhansela lakule ndawo uMnu Nhlanhla Zondo uthe bayayazi inkinga ebhekene nalemiphakathi kanti bamatasa benomasipala wesiFunda uMgungundlovu bazama ukulungisa yona inkinga yamanzi.

“Kunezinto ezincane ezisele ukuthi umasipala uzilungise ukuthi kuzoqhutshekwa nokusetshenzwa udaba lwamanzi kulezi zindawo. Akusekuningi okusele ukuthi kwenziwe ngoba nethangi elikhulu elizokwazi ukuphakela wonke umphakathi nalo selakhiwe. Siyacela nje umphakathi ukuba ubekezele sekuzolunga bakwazi ukuthi nabo bathole amanzi aphuma kompompi babo emakhaya,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.