Sekuphele iminyaka eyisithupha bevalelwe amanzi

2019-05-29 06:02
isithombe: lethiwe makhanyaKungesikhathi kade kunesiteleka samanzi ngoLwesine olwedlule.

isithombe: lethiwe makhanyaKungesikhathi kade kunesiteleka samanzi ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wasezindaweni ezahlukene ngaphansi kwakaVulindlela uthi usukhathele ukuphila ngokuphuza amanzi angcolile asemfuleni ngenjengoba sekuphele iminyaka eminingi ezinye zezindawo zingenawo amanzi.

Lo mphakathi udinwe wavala umgwaqo endaweni yaseKhokhwane ngoLwesine olwedlule mhla zili-16 kuNhlaba (May) ngamathayi avuthayo kanye namabhodlela uthi ufuna ukuvulelwa amanzi.

Endaweni yaseSongonzima bathi sekuphele iminyaka eyisithupha bevalelwe amanzi kanti kwezinye izindawo sekuphele izinyanga engekho amanzi.

Amalunga alemiphakathi avale yonke imigwaqo engenela kulezi zindawo ekhala ngokuthi afuna ukukhuluma neMeya yomasipala uMnu Themba Njilo ukuze ezobachazela ukuthi kungabe yini eyenza ukuthi bangabi nawo amanzi.

Umphakathi uthi umuzi nomuzi unompompi wamanzi kanti amanzi abephuma ngaphambilini ngaphandle kwezinkinga.

Bekhuluma ne-Echo ngoLwesine eliye ilunga lomphakathi lithe ngesikhathi ezohamba amanzi akekho umuntu owake wakhuluma nabo noma owake wabachazela ukuthi amanzi azovaleka.

“Amanzi avele anqamuka nje sangazi ukuthi kwenzenjani. Sesiphila ngamanzi esiwakha eziphethwini esiwaphuza nezinkomo. Into esixakayo ukuthi sinamathangi amanzi amakhulu amahlanu kaSongonzima agcwele amanzi kodwa futhi thina sihleli asinawo amanzi akukho nencazelo esiyitholayo,” kusho yena.

Elinye ilunga lomphakathi laseKhokhwane lithe sebezamile izikhathi eziningi ukukhuluma nekhansela laku lendawo uNks Thandi Madondo ukuzama ukuxazulula udaba lwenkinga yamanzi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba kuthiwa ikhansela belivele lingalubhadi emhlanganweni.

“Sibonile ukuthi vele ikhansela alifuni ukukhuluma nathi futhi alifuni ukusisiza yingako sinqume ukuthi size sivale umgwaqo ukuze sizozwakala.”

Lo mphakathi uphinde ukhale ngokuthi amaloli athwala amanzi ahamba emgwaqeni omkhulu kuphela nokwenza kube nzima ukuthi abanye abangekho eduze komgwaqo omkhulu bathole amanzi.

“Nawo lawo manzi esiwathola kulawomaloli athwala amanzi angcolile ayasigulisa. Awanazo ngisho izikhathi zokufika afika abaye bengekho besemsebenzini mawungazange uyibone uba nenkinga ngoba ugcina usuphuza amanzi esiphethwini,” kusho elinye ilunga lo mphakathi.

Lo mphakathi uvale umgwaqo kwaze kwaba kufika isekela meya likaMasipala uMsunduzi uMnu Thobani Zuma nofike wabathembisa ukuthi bazoyilungisa inkinga yamanzi.

UMnu Zuma uthe inkinga ekhona ukuthi imizi seyandile kangangokuba ithangi elikhulu eliphakela lezi zindawo seliyahluleka ukuthi liziphakele zonke.

“Zikhona vele izindawo esizaziyo vele ukuthi zinenkinga yamanzi kanti siyazama ukuthi siyixazulule leyo nkinga. Wonke amadamu aphakela lezindawo amanzi aphansi kakhulu. Sesithumele ithimba ukuba liyohlola ukuthi kungabe yini imbangela yokuthi abe phansi kangaka.

“Uma ngabe sesitholile ukuthi yini inkinga sizobuya sizobika emphakathini futhi,” kubeka yena.

Uqhube wathi bengumasipala futhi basebenzela ekutheni bakwazi ukufaka isiphehli samanzi esikhulu(water pump) esizokwazi ukuthi siibe namandla ukuthi izindawo lezi ezingenawo amanzi zizokwazi ukuthi ziwathole.

Uthe okwamanje umphakathi usazoqhubeka uthole amanzi emalolini athwala amanzi njalo kuze kube kuxazululeka inkinga yamanzi.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.