Sekuphele iminyaka isaguga silinde umxhaso

2019-03-27 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUgogo Phindile Ntshare osekuphele iminyaka elinde indlu yomxhaso.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUgogo Phindile Ntshare osekuphele iminyaka elinde indlu yomxhaso.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISAGUGA sasendaweni yaKwaZayeka eSweetwaters sithi asisazi ukuthi kumele senze njani ukuze sizokwazi ukuthi sithole indlu yomxhaso kahulumeni esathenjiswa yona eminyakenie engaphezu kweyisihlanu eyedlule.

UNkk Phindile Ntshare (77) uthi akusekho kuhle endlini ahlala kuyona njengoba iphephuka uthayela sebevinjwe ngamatshe kanti uma lina imvula ingena phakathi.

“Uma linetha ebusuku angilali ngihlala kuze kuse kanti ekuseni nginomsebenzi wokuthi kumele ngivuke ngihambe ngiyoneka izimpahla ezisegumbini lapho ngilala khona ngobe zonke zisuke zimanzi ngenxa yemvula egeleza ngaphakathi endlini,” kubeka yena.

Ugogo uhlala nendodana yakhe endlini yodaka enemagumbi amathathu. Ngokusho kwendodana kagogo uMnu Philani Mtshari uthe ugogo wabhalisa indlu ngonyaka wezi-2012 kuze kube yimanje akakayitholi.

“Ugogo wahamba wayobhaliselwa imina indlu yakhe ngoba wayengumuntu osemdala. Ngesikhathi sibhalisa sasikuleqembu labantu bokuqala ababhalisa kodwa thina namanje asikakayitholi indlu.

“Indlu esihlala kuyona iyavuza yonke kodwa igumbi likagogo ilona elivuza kakhulu kanti loko kungiphatha kabi ngoba umama ungumuntu ogulayo futhi ophathwa isifo samathambo nengikholwa ukuthi sidalwa nayisimo aphila ngaphansi kwaso,” kubeka yena .

Uthe ngonyaka owedlule inkampani eyenza izindlu zomxhaso iVulindlela Development Projects (VDA) yafika yamba isiza njengabantu abazobuya bazoqhubeka nokwakha kodwa kuze kube imanje abakaze babuye.

“Seloku bamba isiza kusuka ngonyaka odlule bengiloku ngigqigqa kubona ngiyobuza ukuthi kwenzakalani bese bangithembise ukuthi ayi bazobuya bazokwakha maduze kodwa kuze kube imanje abafiki.

“Ngesikhathi ngigcina ukuya kubona lenkampani eyakha izindlu bekunguMasingana (January) kuwona lonyaka kodwa futhi namanje kusanjalo.

“Okubuhlungu ukuthi abantu abambelwa kanye nathi nalabo abambelwa emva kwethu bona sebenazo izindlu zabo zakhiwe ezinye seziphelile kodwa thina asinayo.Kubuhlungu ngoba asinawo ngisho amandla okuthi singazama ukuzakhela indlu ngoba siphila ngemali yempesheni yakhe kanti nami angisebenzi,” kubeka yena.

Uqhube wathi bazama ukubikela ikhansela lendwo uMnu Sbusiso Mtshali ngalolu daba kodwa wabatshela ukuthi yena akangeni ndawo ezindabeni zezindlu abazibonele.

Okhulumela inkampani u-VDA uMnu Bhoyo Kunene akatholakalanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.