Sekuphele unyaka elinde imiphumela eHome Affairs

2019-04-17 06:01

OWESILISA waseSweetwaters uthi akasazi ukuthi kumele enzenjani ukuze ezokwazi ukuthi athole izigxivizo zeminwe zikamama wakhe ongasekhko emhlabeni eMnyagweni wezaseKhaya ehhovisini eliseMgungundlovu.

UMnu Mandla Mbhele uthi umama wakhe uNkk Dumazile Ellen Mbele washona ngenyanga kaMbasa (April) ngonyaka owedlule.

Uthe wahamba waya kofaka isicelo sokuthola izigxivizo zeminwe kamama wakhe kulo mnyango ngoba wayefuna ukuthola izimali kweminye yemishwalense ayijoyinile kodw kuze kube manje akakayitholi.

Uthe ngesikhathi eyofaka isicelo bamutshela ukuthi isicelo sakhe sizothatha izinyanga ezintathu ngaphambi kokuba athole lokho ayekucelile.

“Kuze kube imanje angikaze ngizithole. Njalo uma ngiya khona ngithi ngiyobuza ukuthi kungabe yini evimbile ekutheni ngizithole bavele bangitshele ukuthi namanje azikakabuyi ehhovisi elikhulu ePitoli,” kubeka yena,

UMnu Mbhele uthe kugcine sekumphoqa ukuba azishayelele yena ehhovisi elisePotoli ukuthola ukuthi kungani zingabuyi izithupha zikamama wakhe.

Uthi lokhu kumuphatha kabi ngoba ngisho nabantu bomushwalense sebelokhu bemubelesela befuna lemiphumela ukuze bezokwazi ukuthi bamusize.

“Uma ngabe ngifonela ePitoli bangitshela ukuthi ihhovisi eliseMgungundlovu lathumela izithupha ezingaphelele zikamama.

Ngathi uma ngibuza ukuthi kungani zingaphelele bangitshela ukuthi nabo abazi kodwa leli cala sebeyaliphenya futhi sebevule icala.

“Sekuzophela unyaka manje umama adlula emhlabeni kodwa kuze kube imanje angikwazi ukuthola lemiphumela angazi kungani.

Ingiphatha kabi lento ngoba ayikho nencazelo eqondile engiyotholayo ukuthi kungani kuthatha isikhathi eside kangaka ngoba bangitshela ukuthi kuzothatha izinyanga ezintathu kuphela kodwa manje kuphela unyaka.

Balokhu bethi imiphumela ayikabuyi kodwa futhi abangitsheli ukuthi yini ebambile,” kubeka yena.

UMnu Mbhele uthe useze wazama ngisho ukuthola abameli nokuyibona abazama ukuthi bamusize bamulekelele ngalolu daba.

“Sengiphila ngokuhleli ngigqigqa ehhovisi loMnyango wezaseKhaya njalo ngime ulayini omude njalo ekugcineni futhi ngingatshelwa lutho kuthiwe imiphumela ayifikanga.

Angisazi mina ukuthi kumele ngenzenjani manje ngoba futhi abasho nokuthi kukhona imininingwane eshodayo kodwa nje bathi akukabuyi,” kuphetha uMnu Mbhele.

IMenenja yehhovisi loMnyango wezaseKhaya eliseMgungundlovu uMnu Xolani Maphumulo uthe ulithinthile ihhovisi elikhulu elisePitoli lamutshela ukuthi bekunenkinga yokusalela emuva ngokomsebenzi.

“UMnu Mbhele uzokwazi ukuthi amaphepha lawa awafunayo ngaphambi kokuba kuphele isonto elizayo.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.