Sekuqalile ukubhalisela umjajo we-Mandela Marathon

2018-05-23 06:01

SEKUQALILE ukubhalisela komjaho waminyaka yonke owaziwa ngeMandela Marathon nokuhloswe ngawo ukuhlonipha iqhawe lomzabalazo elingasekho emhlabeni uDkt Nelson Mandela.

Lokhu kuvezwe umqondisi walo mjaho uMnuz Johan Van Staden ngoLwesibili mhla zili-15 kuNhlaba (May) nalapho kwethulwa khona lo mjaho wesi-7 kulo nyaka ngokusemthethweni eNelson Mandela Capture Site e-Howick.

Lo mjaho uhlanganisa amabanga angama-42km, 21km nangama-10km.

Kulo nyaka kulindeleke ukuthi kube khona abagijimi abalinganiselwa ku-18 000 abaphuma emhlabeni wonke nokuyisibalo esinyukile uma kuqhathaniswa nesibalo sangonyaka owedlule.

Umjaho wangalonyaka uchazwe njengowehlukile nobaluleke kakhulu njengoba kuwunyaka lapho uDkt Nelson Mandela ezobe eqeda khona iminyaka eyi-100.

Imeya yesiFunda uMgungundlovu uNkk Thobekile Maphumulo uthe akusiwo nje umjaho nje ongatheni kodwa uyinto ebalulekile njengoba kuzobe kugujwa iminyaka eyi-100 kaMandela noNkk Walter Sisulu.

Uthe lena ngenye yezindlela zokugubha nokuhlonipha lamaqhawe omzabalazo.

“Lo mjaho ukhombisa umlando nefa okuyohleli kukhona ngisho nasezizukulwaneni ezizayo. Namhlanje sikhombisa umsebenzi omkhulu nohambo oluhle oselube khona ngalomjaho. Akusiwona umsebenzi olula lona kodwa udinga, ukubekezela ukuzinikela nokusebenzisana ukuze ube yimpumelelo. Sicela abantu ukuthi baphume ngobuningi babo bezongenela baphinde beseke lomjaho,” kubeka yena.

UMnuz Van Staden unxuse abagijimi ukuba bangenele kusenesikhathi ukugwema ukuphoxeka uma sekuphele izikhala zokungenela.

UMnuz Thobani Changwe nobambe irekhodi lika: 2:27:12 kusukela ngonyaka wezi-2014 uthe kulonyaka ukulungele ukuqeda ngerekhodi elisha.

“Ngo-2015 yangishaya phansi iMandela Marathon, ngo-2016 no-2017 ngangakwazi ukugijima ngenxa yokulima kodwa kulo nyaka ngibuyile ngizokwephula irekhodi.

Ngisho lingancishiswa noma landiswe ibanga eligijinywayo okusalayo ngizonqoba,” kubeka yena.

Ukubhalisela ukungenela lo mjaho kuzovalwa ngomhla ka-31 kuNtulikazi (July) kanti umjaho wona uzoba ngenyanga kaNcwaba (August).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.