Sengeziwe isikhathi sikashwele kamasipala

2019-02-20 06:01

UMASIPALA uMsunduzi uthi unethemba lokuthi uzothola izimpendulo ezingcono kumalunga omphakathi awukweletayo njengoba umasipala usuhlehlise isikhathi sokuvalwa kokufakwa kwesicelo sikashwele saba umhla zingama-31 kuNhlaba (May) kuwona lonyaka.

Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba ebesiseTourism Hub ngoLwesibili mhla zili-12 kaNhlolanja (February) nalapho kade kudingidwa khona izinkinga ezibheke nomasipala okubalwa khona nokuhlanzwa kwedolobha.

Imeya yoMasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo uveze ukuthi bathole izimpendulo eziyi-2000 kuphela kulezi zinyanga ezintathu ezedlule ekade kuvulwe ngazo isikhathi sikashwele.

Uthe njengoba sesengeziwe isikhathi sokuvalwa kukashwele banethemba lokuthi abantu bazophendula kangcono.

Ukufaka isicelo sikashwele kwavulwa ngokusemthethwini ngenyanga kaNcwaba (October) ngonyaka owedlule kanti bekulindele ukuthi sivalwe mhla zili-15 kuMasingana (January) kulonyaka kodwa loko kwagcina kungenzekanga.

Umasipala ukweletwa imali elinganiselwa ku-2 billion kanti leyomali ikweletwa abantu abahlala ngaphansi kwalomasipala kanti enye ikweletwa amabhizinisi.

Umasipala uthi ubulindile ukuthi ungahle uthole izimpendulo ezilinganiselwa ku-25 000 kodwa loko akwenzekanga.

Ibamba lemenenja kaMasipala uMsunduzi uNkk Neli Ngcobo uthe lo mkhankaso kashwele awukho mayelana nesamba semali kodwa umayela nokuthola amakhasimende kamasiapala.

“Sifuna ukwazi ukuthi mangaki amakhasimende kamasipala abhekene nobunzima bokuthi angakwazi ukukhokha, ukuze sizokwazi ukuthola labo abasintshontshela ugesi kanye namanzi bangakukhokheli,” kubeka yena.

Amakhasimende kamasipala akweletayo ayanxuswa ukuba afake izicelo zikashwele uma ngabe bebhekene nobunzima bokukhokha. Amalunga omphakathi akweletayo kuzomele bakhokhe uhhafu waleyo mali abayikweletayo bese bathole isaphulelo salona omunye uhhafu (50%) abawukweletayo.

“Lo mkhankaso kashwele awukho mayelana nesamba semali esizotholwa umasipala kodwa umayela nokuthola ukuthi mangaki amakhasimende akamasipala akweletayo ukuze kuzotholakala nalabo abantshontshayo abangafuni ukukhokhela ugesi kanye namanzi.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.