Sibonga ukwesekwa silahlekelwe ilunga lomndeni

2016-07-27 06:00

Mhleli

Emasontweni adlule besihanjelwe umshana uZiyanda Mchunu ekhaya nokuyinto ebe buhlungu kakhulu emndenini njengoba kade eqede umatikuletsheni ngonyaka owedlule esikoleni iGeorgetown futhi wawuphumelela.

Ngikhumbula ukuthi sebebhala uke waphuma kuyona i Echo ethembisa ukuthi uzimisele ngendlela exakile waze waqinisekisa nokuthi ngeke aphoxe uma sekuphuma imiphumela. Njengomndeni sasilindele lukhulu kuyena kanti owayesiboleke yena wayesemdinga ngoba wayesekuqedile ayemthumelele kona lapha emhlabeni. Ngifisa ukuthatha lelithuba ngibonge wonke umphakathi waseMphithi, izihlobo nabangani bakhe ababephume ngobuningi bezophelezela impintshi yabo.

Kodwa ke njengenhlalayenza uma kunomkhuhlane kunoma umuphi umndeni abantu abasondela kuqala bazoniduduza kuba omakhelwane.

Izenzo zabantu bonke omakhelwane­ base Sigingqini naseNhlazatshe ikakhulukazi besifazane azichazeki ngoba zaba yinto eyasithusa kakhulu.

Abantu bahlale nomndeni kusukela kwenzeke umkhuhlane kuze kube usuku lokugcina. Ngikhumbula abanye besimame abafika ngosuku olwandulela umngcwabo bethi bazocela abangasiza ngakho kwase kuthiwa ekhaya asazi ningasiza ngani ngoba ayikho into abangasayenzile abanye bomakhelwane.

Asiswele amazwi okunibonga kodwa iwona qobo angekho.

Ngalamazwi anginifakeli ingcindezi neze yokuthi ngelinye ilanga nizithuke senenza noma kungasanivumeli. Angifuni ukukhohlwa izinsizwa ngisho ezaseNhlazatshe ezazibanga ukuyosilekelela emathuneni ukulungisa umgodi, kanjalo nabafundisi base Divine ngaphansi kwaApostle Moshoeshoe­.

UNkulunkulu anibusise nonke.

Dudu kusisi wami uNcamo.

Mfanafuthi ‘Jika Pantsula’ Nzuza

ESIGINGQINI

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Hip Cape Town bars to discover this summer
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.