Sicela umasipala usilalele masikhala

2018-02-21 06:01

MHLELI kwelakho iphephandaba ngibonge ukuthola ithuba yize umoya wami ungaphathekile kahle ngendlela izinto ezenzeka ngayo endaweni yethu KwaPata ka-Ward 10.

Sinenkinga mhleli yokungasizakali ehhovisini lekhansela masidinga incwadi yekhansela.

Uma siya ehhovisi elisedolobheni basitshela ukuthi masiye kozithatha ekhanseleni ngakithi. Lezi ncwadi ziyadingeka uma udinga okuyoshayela umuntu ipasi. Uma sifika ehhovisini lekhansela sizicela kunobhala uvele akulandisa inganekwane ongayazi obona kahle ukuthi ayihlangani nalento oyizele. Uvele abike imbiba abike ibuzi akutshele ukuthi umshini awusebenzi njalo nje uma udinga usizo awulutholi. Kungani umasipala ungasiqasheli okungenani unobhala ozoba sedolobheni lapho kuthathwa khona izincwadi zamakhansela unobhala ozokwazi ukusenzela lezincwadi ezibalulekile.

Lento iyasihlukumeza siwumphakathi phambilini kukaningi amalungu omphakathi ekhala ngendlela unobhala angakwazi ngayo ukubasiza kanti futhi kuphinde kube nezinsuku ongamfici ngazo ehhovisini. Ngabe kumele yini kube kanje umasipala uthule uthini sihlukumezeka siwumphakathi singasizakali kodwa sibe savota ngoba sithi sifuna impilo engcono?

Siyacela lesikhalazo sethu siwumphakathi sike sisukunyelwe phezulu.

OBHALILE

l Iungu lomphakathi kwaPata

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.