Sicela uxhaso lwendlu isaguga saKwaDambuza

2018-04-18 06:01
PHOTO: lethiwe makhanyaUNkk Radebe (kwesobunxele) kanye nomzukulu wakhe uNks Samkelisiwe Radebe beme ngaphandle kwendlu yabo ewayo.

PHOTO: lethiwe makhanyaUNkk Radebe (kwesobunxele) kanye nomzukulu wakhe uNks Samkelisiwe Radebe beme ngaphandle kwendlu yabo ewayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISAGUGA esihlala KwaDambuza sithi sisabela impilo yaso kanye neyabantu esihlala nabo njengoba indlu abahlala kuyo ingawa noma yinini.

UNkk Sizakele Radebe (72) uthi usehamba waze waba mfishane ezama ukuthola uxhaso lwendlu kodwa kunhlanga zimuka nomoya njengoba kuze kube yimanje engakaze ayithole.

UNkk Radebe uthi usehlale kulendawo impilo yakhe yonke njengoba lena kwakuyindlu yabazali bakhe asebashona.

Uthe sekuphele iminyaka ezama ukuthola uxhaso lwendlu kodwa akasizakali.

Uthe wabuyelwa ithemba ngo-2013 ngesikhathi kufika lowo osewuNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Blade Nzimande emzini wakhe bezomazisa ukuthi ungomunye wabakhethiwe ukuthi bazokwakhelwa izindlu kodwa kuze yimanje akekho owake wabuyela kuyena wamutshela ukuthi kwenzakalani.

“Lendlu yayinamagumbi ayi-8 kodwa ilokhu iwa sekusele amagumbi amabili, nelilodwa lawo lingena imvula uma kunetha. Angisebenzi ngiphila ngempesheni anginawo amandla okuthi ngingaqala phansi ngakhe umuzi.

“Ayikho into engingayenzanga ekufakeni isicelo somxhaso. Ngaze ngaya ngisho kaVulindlela. Ngafaka isicelo somxhaso kuqala ngisho ngaphambi kwalemixhaso eseyakhiwe eNtabeni, ngathuka kabi uma sengibona sekwakhiwe yona mina ngasala ngaphandle.

“Babesitshele ukuthi thina sizokwakhelwa emizini yethu imixhaso kodwa lokho akuzange kwenzeke,” kuchaza yena.

Uthe ubehlala nezingane zakhe kanye nabazukulu abayi-8 masebephelele bonke kodwa manje sebesele bane ngoba bebaleka yona le ndlu ewayo.

“Umuntu esengiseli naye nje ongisizayo umzukulu wami oneminyaka engama-25 kodwa naye akasakwazi ukungihambela yonke indawo ngoba useyagula.

“Angisakwazi kwenza lutho amandla aphelile, anginaye nomuntu ongangivusela indlu lena esihlala kuyona.

“Uma like lanetha izulu noma uma like laba nomoya simpintshana egumbini elilodwa sonke ngoba sibalekela imvula kodwa nalo lelo gumbi lingawa noma yinini.

“Silala obenyoni uma sike sabona izulu lishintsha ngoba asazi ukuthi kuzokwenzakalani, kodwa ke ayikho into esingayenza ngoba akukho lapho singaya khona.”

UNkk Radebe uthi usezamile ukuthola usizo nakwikhansela lendawo uMnuz Mtuza Mkhize kodwa uhleli etshelwa ukuthi alikho ehhovisini lalo kanti uma eya e-City Hall bafike bamukhombe emuva ehhovisini eliKwaDambuza ukuthi akayolibheka khona.

Uthe sebezame ngisho ukukhuluma neMeya yoMasipala uMsunduzi uMnuz Themba Njilo kodwa batshelwa ukuthi abashiye imininingwane yabo bazofonelwa kodwa kuze kube imanje akukho okwake kwenzeka.

Ikhansela lakulendawo uMnuz Mtuza Mkhize uthe uyalwazi udaba lukagogo wabe esecacisa ukuthi uMnuz Nzimande akazange asho ukuthi uzomakhela kodwa bathi bazosizana nabantu abahlukene ukuze akwazi ukusizakala.

“Akusiyena kuphela onalenkinga eqinisweni udaba lwezindlu nje luyinkinga endaweni yaKwaDambuza

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.