Sidlale ngokuzimisela ukuze siwine

2017-08-23 06:00
Isithombe: Gallo imagesUmdlali weMaritzburg United okore igoli eliguqise iMamelodi Sundowns ngempelasonto kumdlalo weMTN8 u-Evans Rusike.

Isithombe: Gallo imagesUmdlali weMaritzburg United okore igoli eliguqise iMamelodi Sundowns ngempelasonto kumdlalo weMTN8 u-Evans Rusike.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMQEQESHI weMaritzburg United nongaconsi phansi kulezinsuku kubalandeli nezikhulu zeqembu, uFadlu Davids uthi ukukhumulisa ijezi iMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN8 kube yinto enkulu.

Phela namanje kusafana nephupho elibi elilokhu libuya kubalandeli baMasandawane ngoba phela iTeam of Choice igcine ibaguqisile ngo 1-0 emdlalweni wamakota fayineli ekuhambeni ePitoli.

Umqeqeshi weTeam of Choice uthi nokho kuthanda ukuthusa ukuthi uma kuhlulwe iSundowns bese kulokhu kubuzwa imibuzo ukuthi bekuyinhlanhla noma icebo ebelikade likhandwe umqeqeshi nabadlali bakhe?

UDavids uthi yena uthanda ukubonga abadlali bakhe abangathuswanga ukuthi badlala neSundowns ekuhambeni.

Lomqeqeshi ubuye wathi alikho iqembu elike liye kodlala kodwa libe lingazimisele.

“Mina ngithanda ukuncoma abadlali bonke abadlale ngokuzimisela nanganjengamaqhawe. Basebenze kahle ngiyabancoma,” kusho uDavids.

Umqeqeshi weSundowns

“Bebepake amabhasi, hayi ibhasi. Iqhinga labo bekuwukuhlala emuva nje begade ngabadlali abaningi,” kusho uMosimane.

Emzukwisaneni olandelayo wama semifayineli iTeam of Choice izobhekana nelinye iqembu lasePitoli iSuperSport United yona ekhiphe iKaizer Chiefs eThekwini eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto edlule.

Kanti ezikaBennie McCarthy iCape Town City yona izotholana phezulu noshampeni balenkomishi iBidVest Wits.

Phela Izitshudeni (Wits) zaba nenhlanhla zagcina ngokukhipha ithemba laKwaZulu-Natal iLamontville Golden Arrows.

Imilenze yokuqala yamasemifayineli eMTN8 izobe ingomhlaka 26 kuya ku27 Agasti kanti imilenze yesibili iyobanjwa ngo 8 - 9 Septhemba.

Kanti ngalempelasonto yakusasa uMzansi wonke ubhekeke ukuthi udume ngoba imidlalo yeligi yePSL iyaqala.

Kanti isiyonke imidlalo yePSL ihlelwe kanje:

Friday, Agasti 18, Wits vs Cape Town City FC, eBidvest Stadium, 8pm. Saturday, Agasti 19, AmaZulu FC vs Free State Stars, King Zwelithini Stadium, 3pm; SuperSport United vs Mamelodi Sundowns,

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.