Sigodliwe isinqumo ecaleni lobuholi bebandla

2017-11-01 06:00
Isithombe: SithunyelweAmaqembu ahlukene alandela Mnu. Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe noMnu. Vela “Imisebeyelanga” Shembe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu elalele izethulo zokudluliswa kwecala.

Isithombe: SithunyelweAmaqembu ahlukene alandela Mnu. Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe noMnu. Vela “Imisebeyelanga” Shembe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu elalele izethulo zokudluliswa kwecala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu isigodlile isinqumo ngecala lobuholi bebandla i-Nazareth Baptist Church elaziwa ngokuthi ibandla lakwaShembe.

Icala lilalelwe yithimba lamajaji eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu okunguSekela wamaJaji KwaZulu-Natal uJaji Isaac Madondo kanye noJaji Jerome Mnguni benoJaji Thoba Poyo-Dlwati.

Lelicala lombango wobuholi bebandla liphakathi kukaMnu. Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe noMnu. Vela “Imisebeyelanga” Shembe.

UMnu. Mduduzi Shembe, ohola uhlangothi lwaseBuhleni, wadlulisela lelicala enkantolo yaseMgungundlovu ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yaseThekwini yakhipha isinqumo esivuna uhlangothi oluholwa yinkosi yaseThembezinhle uMnu. Vela Shembe.

Isidididi ngokuthi ngubani okufanele ahole ibandla lamaNazaretha saqala ngesikhathi kukhothama iNkosi Vimbeni Shembe ngowezi-2011.

Kufihlwa iNkosi Vimbeni Shembe, ummeli weNkosi, uMnu. Zwelabantu Buthelezi waveza incwadi ekhomba ukuthi iNkosi Vimbeni waqoka uMnu. Vela Shembe kanti iNkosi yasemaQadini, uMqoqi Ngcobo waphakamisa igama lenkosi uMduduzi Shembe, okuyindodana yeNkosi uVimbeni Shembe, njengokumele ahole ibandla. Lokhu kwaholela ekuhlukaneni phakathi kwebandla lime amaqembu amabili.

Omele uhlangothi lwaseBuhleni u-Advocate Rajesh Choudree SC kanti u-Advocate Archie Findlay SC umele uMnu. Vela Shembe.

Izindimbane zabalandeli baleli bandla bezibuthane enkundleni yezemidlalo i-Dales Park, eMgungundlovu, ngenkathi kuqhubeka lelicala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.