Sikhathele ukunukwa ngokuthakatha e-Ashdown

2016-10-05 06:00

SICELA abomthetho badlale indima yabo kulesehlo esehlele abakwaMdunge. Sesikhathele thina mphakathi wase Ashdown abantu abahlale bethuka abanye ngoba behluleka ukubhekana nempilo bese besukela abanye bathi bayabathakatha.

Isikhathi esiningi laba kusuke kungabantu abahluphayo emakubo abangamazi ngisho nokuthi uyini umuntu omdala, abangahloniphi ngisho ikhansela kuhlula ngisho selisenzele konke kodwa bayalidelela.

USandile ngendlela abehlonipha ngayo akekho obengamazi, ubethunywa yinoma ubani, ekhuthele nabo laba abenze lokhu bebemthuma kodwa namhlanje sebethi uyathakatha.

Ngisho ephuzile ubengahluphi muntu futhi uzalalwe wakhulela la. Pho abese ebulawa yibo bona labantu akhule nabo? Kuyacika impela, umthetho kufanele udlale indima yawo ngoba ziyanda izibalo zabanukwa ngokuthakatha lapha e-Ashdown.

Umuntu aphume athuke omunye phambi komphakathi naphambi komndeni wakhe emini kubheke noma ubani. Angithi phela usuke efuna ukuthi umphakathi wenze lento eyenzeka kuSandile umphakathi uphume usumbulala ukuze kufezeke izinjongo zabo zokumbulala nomphakathi.

Baningi abantu abazofa befela into engekho ngoba abanye kwakuthukwa omama babo, abanye ogogo, njalo njalo manje sekuthukwa bona okusho ukuthi nezingane zabo uma sezikhulile zizokhula zithukwe ngakho.

Abanye uma enenzondo nawe athi uyathakatha, baningi abantu abathukwa ngalekwesizathu.

Uma amaphoyisa engaphuma ahambe ebuza ukuthi obani abahlale bethukwa abanye baningi abantu abangaphuma baso ukuthi bahlukumezekile la emphakathini.

Siyawuncenga umthetho ukuthi udlale indima yawo ngoba nomphakathi usuyabona manje ukuthi ngelinye ilanga kuyophuma umuntu athuke omunye bese eshawa bube bungekho ubufakazi bokuthi uyathakatha.

Sicela umthetho unqande lesisifo sokuthukwa kwabantu kuthiwa bayathakatha njengoba bethukwa imihla namalanga phambi komphakathi. Naku Sandile kwenzeke esifanayo bamthuka base beyambulala futhi. Singakumela lokho ukuthi babemsukela nje befuna ukuthi azondwe abantu njengabo.

Okusiphatha kabi kakhulu ukuthi siyabona la e-Ashdown luzovuka udlame ngendlela abantu abahlaliswe kabi ngayo abanye bebathuka ngokuthi bayathakatha.

ABAKHATHAZEKILE

Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.