SIKHULUMA EZEBHOLA

2016-03-09 06:00

UKUNGAZI kufana nokungaboni. Abaqeqeshi baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abansundu, basazothwala kanzima. Lokhu ngikushiso ukubona indlela yokucabanga kwabantu abansundu. Nokho-ke akumangazi uma ucabanga ukuthi nalabo abathi babelwela inkululeko yesizwe sikaMthaniya noMageba kepha izenzo zikhomba okunye.

Sithumela izingane zethu ukuba zifundiswe abezizwe, simelwa abameli bezizwe emacaleni kanye nodokotela bezizwe. Pho singabathemba kanjani abaqeqeshi abafana nathi ngokwebala? Kuyadabukisa ukuzwa umuntu ethi: iChiefs iyiqembu elikhulu kakhulu ukuthi lingaphathwa umuntu onsundu. Lapho kusuke kugigiyelwa uKompela. Kunzima ukulimala kwengqondo ngoba kusho ukufa kwesizwe.

Inselelo ebhekene namaqembu epolitiki kuleli zwe, engicabanga ukuthi izoba nzima kakhulu, ukulapha izingqondo zabantu bakithi. Uma abantu bengakakholwa ukuthi kukhona abangazenzela khona, inqubekela phambili ayikho. Abaholi ababe izibonelo ngokuhola hhayi ngokukhuluma.

Izwe lethu linongqondongqondo abaningi bezinhlanga ezehlukene. Lingathuthuka kakhulu uma singafunda ukusebenza ngokubambisana nokwethembeka. Kumele sifunde ukuthi akudingi abantu babe abangani bakho ukuze basebenze nawe. Into ebalulekile amakhono abantu okumele siwasebenzisele isizwe. Ebholeni lakithi baningi abantu abanamakhono kodwa ngenxa yokucabanga ngokuzimela abafunwa iziphathimandla.

Kuyathokozisa ukubona ukukhula kweqembu labaqeqeshi elicabanga ngokwahlukile futhi elizimele ngemicabango. Isizwe siyokhula ngokwanda kwabantu abacabanga ngokuzimele. Ukuhluka kwemicabango akusho ukuthi abantu bayizitha kepha kukhulisa imisebenzi. Sinenkinga yokubiza abantu ngamagama ngoba singavumelani nokucabanga kwabo.

Ibhola nempilo nje kuleli zwe kuyadinga ukuthi kukhuliswe usiko mpilo lwenkulumo-mpikiswano. Lokhu kungakhulisa ibhola nezinye izindlenye zempilo futhi kunciphise udlame esilubona luya ngokudlanga.

Mkhulu umsebenzi odinga ukwenziwa ekukhuliseni lo mdlalo. Uma singashintshi indlela yokucabanga siqale ukufunda ukuzenzela, ikusasa lalelizwe alizokhanya.

Unzima lo mthwalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/World
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.