SIKHULUMA EZEBHOLA

2016-04-27 06:00

KWESINYE isikhathi kubonakala sengathi asiboni ukuthi leli zwe ngelethu futhi esikwenzayo kuyoba nomthelela empilweni yezizukulwane ezizayo. Indlela esiphethe ngayo imfundo yoquqaba olunsundu kuhlanganisa nomdlalo webhola akutshengisi uthando lwezwe nesizwe.

Izinkundla ezidlala ulusha lwethu uma uziqhathanisa nesikhathi sokudlala kwethu zifikisela amahloni. Indlela amaqembu ethu aphathwa ngayo iziphathimandla igcwele inzondo nokungahloniphi. Ingabe kwakhala nyonini esizweni sakithi! Luyephi ufuqufuqu obelukhona ngaphambi kwenkululeko. Luphi uthando lwesizwe obeluyisizathu somzabalazo wenkululeko. Uqedwe yini umshikashika wokwenza impilo engcono kuquqaba olumpofu. Ngicabanga ukuthi umdlalo webhola enye yezinto ebingaba isixazululo empilweni yobuphofu kwindlu ensundu. Ububha, izifo kunye nokungazi akunakuxazululeka uma singazinekeli ekufuqeni umzabalazo wemfundo. Udumo nomcebo awunakusisiza uma uquqaba lusadla imbuya ngothi.

Abaphathi kuzo zonke izingxenye zempilo yethu bazalwe bakhulela ezindaweni lapho kuhlala uquqaba. Kuyadabukisa ukuthi izikhundla nenkece sekusenze sakhohlwa imvelaphi yethu. Ngicabanga ukuthi isikhathi sisekhona ukuba silungise ukudideka. Abadala bathi lixhoshwa libhekile. Impela kuliqiniso ukuthi imali nodumo kungaba isithikamezo empilweni yomuntu. Izikhulu nabaphathi abaningi komasipala bethu izinsizwa nezintombi ezikhule ezindaweni zethu.

Isisho sithi inkunzi isematholeni. Izazi zibuye zikuveze ukuthi ukulahla noma ukukhohlwa isiko nemikhuba yesizwe kuwukuqala kokuhlupheka. Iminyaka engaphezulu kwamashumi amabili iphelile kukhulunywa ngokuthi azibuye emasisweni. Kuyadabukisa ukuthi umdlalo webhola ukuthola kunzima ukuqhakambisa usiko lwaseNingizimu Afrika. Uqeqesho nokucabanga nosiko-mpilo luthengwa kwamanye amazwe. Sisebenza kanzima sifuna ukuphendula intsha yakithi amaNgisi, Bhulazili, Putukezi nokunye okuningi. Silwa impi esingasoze sayinqoba. Singafunda okuthile kwabanye kepha ngeke sibe yibo. Ibhola njengayo yonke imidlalo kumele kwakhe ubungani nobuhlobo. Isimo salo mdlalo asisihle kuwo wonke amazinga ngaphandle kwelikhokhelwayo. Ubutha kwiziphathimandla abunakusisiza ngalutho. Asifunde ukubekezelelana futhi kungabi izikhundla phambili kodwa kube imisebenzi. Intsha ifuna ukudlala, ithuthuke kulo mdlalo.

Uma sisaklwebhana, silwa intsha ayizokwazi ukuthuthuka ifike emazingeni afanele. Ipolitiki yamaqembu ibulala ikusasa lentsha. Asifunde ukusebenza nabo bonke abantu kuhlanganisa nesibabona njengezitha zethu. Asibuke amakhono abantu sikhohlwe esingakuthandi kubona. Iqiniso ukuthi umuntu akudingi aze abe umngani wakho ukuze umsebenzi uphumelele. Unzima lomthwalo!

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Hip Cape Town bars to discover this summer
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.