Siqalile isiteleka sase-UKZN

2018-03-14 06:01
ISITHOMBE : ByRONE aTHMANAbafundi base Nyuvesi yaKwaZulu-Natal beqala isiteleka ngoLwesine olwedlule bephazamisa ukuhamba kwezimoto emgwaqeni ezungeze le nyuvesi.

ISITHOMBE : ByRONE aTHMANAbafundi base Nyuvesi yaKwaZulu-Natal beqala isiteleka ngoLwesine olwedlule bephazamisa ukuhamba kwezimoto emgwaqeni ezungeze le nyuvesi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUQUBUKE isiteleka kwaphazamiseka ukufunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal esigcemeni esiseMgungundlovu.

Lesi siteleka sibe nokuthula ngoLwesine mhla ka-1 kuNdasa (March) kodwa ngoMsombuluko saphenduka saba nodlame nokugcine ngokuthi amaphoyisa esebenzise isisa esikhalisa unyembezi (tear gas) ukuhlakaza isixuku.

NgoMsombuluko ebusuku laba bafundi bachithe imigqomo kadoti emigwaqeni babasa nezigodo emugwaqeni.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSeargant Mthokozisi Ngobese uthe laba bafundi baqale ngokuthi bafune ucekela phansi impahla yesikole. “Ngemuva kokuba amaphoyisa ebanqandile ekwenzeni lokhu, benze engathi bayahlakazeka kodwa baphinde behlangana ngaphandle kwesikole nalapho beqale bavala umgwaqo bavimba nezimoto ezidlulayo ngamatshe. Amaphoyisa akwazile ukubahlakaza. Akekho osaboshiwe ,” kusho yena.

UMengameli wesigungu esimele abafundi (SRC) kule nyuvesi uMnuz Bongani Mthiyane uthe into abakhala ngayo izindawo zokuhlala abafundi ezinganele kanye nokungakhokhelwa kwabanye abafundi i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ikakhulukazi labo abenza unyaka wokuqala.

“Sifuna inyuvesi kube khona ekwenzayo ngezindawo zokuhlala zabafundi ngoba azenele. Baningi kakhulu abafundi bakule nyuvesi abangenazo izindawo zokuhlala ngaphakathi. Siyazi ukuthi ngeke inyuvezi ikwazi ukubamukela bonke kodwa into engayenza ukuba ibaqashele amabhilidi ngaphandle azoba yindawo yabo yokuhlala.

“Inqwaba yabafundi iphoqeleka ukuba iyohlala ezindaweni eziqashisayo futhi ezibizayo ekubeni bengenayo imali yokukhokhela lezo zindawo. Ngikhuluma nawe nje kumanje kunabafundi abenza unyaka wokuqala abaxoshiwe ezindaweni abebehlala kuzona ngoba abakhokhile. U-NSFAS awubafakelile imali yabo ngoba uthi ulinde inyuvesi ukuthi iqinisekise ukuthi bakhona yini ngempela abafundia. Kuyimanje simatasa sibafunela indawo lapho bengakwazi ukufihla khona amakhanda okwesikhashana ngesikhathi kusalungiswa lolu daba,” kuchaza yena.

Uqhube wathi kunabafundi abafika enyuvesi ngoMasingana (January) kodwa abakakhokhelwa izimali zabo nokugcina sekubaphoqa ukuba baye kofunda belambile.

“Sizamile ukuhlangana nabaphathi benyuvesi ukulungisa lolu daba kodwa balokhu besitshela ukuthi asibekezele. Sisazoqhubeka sibalwele abafundi njengabaholi. Ngeke sikwazi ukubayekelela. Njengoba namaphoyisa eseqalile ukungena ezindaweni zokuhlala asishaya ngesisa esikhalisa unyembezi kulungile, sekungamane kuboshwe thina abaholi kunokuba kuboshwe abafundi abazifikelayo abangazi lutho,” kuchaza yena.

UNks Normah Zondi oyibamba likamqondisi wezokuxhumana kule nyuvesi uthe bayazi ukuthi kuneqembu labafundi abaphazamisa ukufunda kule nyuvesi.

“Abaphathi benyuvesi bafake isiceleo sencwadi evimbela abafundi ukuba baqhubeke nokuteleka eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu. Sifake onogada abazoqinisekisa ukuthi ukufunda akuphazamiseki ngesikhathi kuqhubeka isiteleka. Abaphathi benyuvesi baxoxisana nabaholi babafundi ukulungisa le nkinga,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

And the Paws24 and Hill's winners are ...

Find out who the winners of our Paws24 pet pics and Q&a competitions are...

 

Paws

Keep your family and pets safe from rabies
5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.