Sisashubile isimo erenke yamatekisi iMasukwana

2018-02-21 06:01

ISIMO sise manzonzo erenke yamatekisi iMasukwana kulandela ukungaboni ngaso linye kososeshini i-Pietermaritzburg Long Distance Association noseshini wase-Howick.

Ngokuthola kwe-Echo labo soseshini babanga umzila wase-Howick.

NgoMgqibelo mhla ka-10 kuNhlolanja (February) abagibeli basala dengwane njengoba amatekisi angaphansi kwalabo soseshini avala indlela engenayo nephuma kule-renke, kwaze kwavaleka nomgwaqo uChota Motala oya e-Northdale nothelawayeka ngase nxanxatheleni yezitolo i-Liberty Mall.

Ngokuthola kwe-Echo ngomthombo owawukhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, uthe kwaba khona ukuxakazisana phakathi kwalabo soseshini nokwagcina ngokuthi kuqhume isibhamu.

“Kwavalwa umgwaqo ngenqwaba yamatekisi. Baqala bakhuluma kodwa kwagcina sekuzwakala ukuthi inkulumo ayihlangani kwase kwasuka isidumo.

“Abagibeli ababegibelile kwabaphoqa ukuba behle babaleke ngezinyawo njengoba isimo sasishubile,” kusho wona.

Usihlalo we-South African National Taxi Council (Santaco) esifundeni uMgungundlovu uMnuz Bheki Sokhela uqinisekise ukuthi isimo sise manzonzo kuleli-renke.

“Isimo asikabuyeli kwesejwayelekile ngemuva kwesigameko sangempelasonto. Amaphoyisa aqaphile ukuthi yonke into ihamba kahle nokuthi akukho ukuphazamiseka kokusebenza kwamatekisi kuleli-renke.

“Ukungazwani phakathi kwalabo soseshini ababili into yakudala akusiyo into eqala manje. Lolu daba seluse nkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ingakho nathi njenge-Santaco singeke sisakwazi ukuphawula kakhulu ngalo ngoba selwadlula kuthina,” kubeka uMnuz Sokhela.

Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSayitsheni Mthokozisi Ngobese ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asiqaphile isimo washo nokuthi akekho owalimala esigamekweni sangempelasonto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

Keep your family and pets safe from rabies

The recent outbreak of rabies in South Africa has brought to light how terrible this disease is and how as pet parents we need to be vigilant to keep our families safe.

 

Paws

5 scientific benefits of owning a cat
Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.