Sishoda ngothisha

2019-01-23 06:01

BAGCINE bethathiwe abafundi baka-Grade 8 abanga-50 ebesekuphele izinsuku bengafundi ngoba bengasitholi isikhala esikole samabanga aphezulu Emzamweni High School.

Ukungathathwa kwalaba bafundi bekudalwa ukungabi khona kwamagumbi anale kanye nokushoda kothisha nokugcine sekuphoqa uMnyango wezeMfundo ukuba ungenelele.

Lesi sikole esenza kahle kakhulu kwimiphumela kamatikuletsheni sibhekene nenkinga yokuthi asisakwazi ukwamukela ezingane eziningi ezizokwenza u-Grade 8 ngenxa yokungabi khona kwendawo.

Kusukela kuvulwa izikole ngesonto eledlule abafundi baka-Grade 8 abangama-50 bebengqumbelene ngaphandle kwamasango akulesi sikole ngoba bengenazo izikhala zokufunda ngoba kuthiwa sekugcwele esikoleni.

NgoMsombuluko kubanjwe umhlangano wabazali nalapho kade kuzodingidwa khona lolu daba nokugcine ngokuthi kuthiwe laba bafundi abathathwe ngoba sekufike umhloli weSekethe laseSweetwaters uNkk Zandile Sibisi. Kuphinde kwavunyelwana ngokuthi kuzolethwa amagumbi okufundela angomahamba nendlwane ngempelasonto kanti neMeya yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo naye uthembise ukuthi uzokhuluma nongqongqoshe ukuthi kutholakala amanye azothathwa kulezi zikole eseziqediwe ukulungiswa.

UThishanhloko wakulesi sikole uMnu Nhlanhla Ngubane uveze ukuthi isikole sibhekene nenkinga yokuthi asinawo amagumbi anele ukuthi sisangakwazi ukuthi siphinde samukele abanye abafundi kanye nothisha futhi nabo abanele.

“Isikole kumanje sinabafundi abayi-1847 kanti isimo asikho sihle ngoba amagumbi okufundela ayashoda kanto futhi nabothisha bayashoda. Nangonyaka owedlule sibe nenkinga efanayo yabafundi abagcina sebehlala ngaphandle kwesikole ngoba bengazitholanga izikhala ngenxa yokuthi kugcwele saze sasizwa ezinye sezikole ezingomakhalwane kodwa naso kulonyaka sinenkinga yokuthi sigcwele.

“Sidinga othisha abali-15 kodwa uMnyango wezeMfundo wona uthi uzosinikeza othisha abayi-5 kuphela. Sishoda ngabagumbi angama-24 kodwa futhi uMnyango wona uthi uzosinikeza amane kuphela nokugasisizi ngalutho ke thina,” kubeka yena.

UMnu Ngubane uveze ukuthi sekukaningi bebhalela uMnyango wezeMfundo ubazisa ngezinkinga ababhekene nazo kodwa kuze kube imanje akukho okutheni okwenzakalayo.

Kulo mhlangano kuphinde kwavela ukuthi kumanje kunabafundi abafunda bemile ngenxa yokungabikhona

Abazali bazwakalise ukukhathazeka kwabo baze baveza nokuthi uma abantwana babo benganikezwa izikhala bangazama nabo ukuxhasa ngezitulo abazohlala kuzo ngoba bayasala ezifundweni njengoba bengafundi.

UMnu Bheki Nkabini nonguSihlalo weSigungu esimele abazali kulesi sikole uthe kuyabajabulisa ukuthi ekugceneni uMnyango ugcine uzamile ukubalekelela.

“Nakuba sekuphele iminyaka sizama ukuyilwa lendaba siyajabula ukuthi ekugcinenei sebeyayisukumela.Siyazi ukuthi nalagumbi abathi bazosinikeza wona awesikhashana kodwa nathi siyafisa ukuthi ngelinye ilanga sibe nesikole esakhiwe kahle sanwetshwa. Lesi ngesinye sezikole ezenza kahle kakhulu kumele uMnyango engabe uyasisukumela usinake.” UNkk Sibisi uthe bayalubona usizi olubheke nabazali ingako belusukumele phezulu lolu daba .

“Azikho izingane ekumele zihlale emakhaya zingafundi ngoba kuthiwa azinayo indawo. Udaba lothisha lona besisathole abayi-5 nje kuphela okwamanje,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.