Sivalelwe amanzi isikole esikweleta uMasipala

2020-01-29 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAbafundi baphuma kungakashayi isikhathi ngenxa yokungabikhona kwamanzi.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAbafundi baphuma kungakashayi isikhathi ngenxa yokungabikhona kwamanzi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Umphathiswa woMnyango wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Kwazi Mshengu uthe amanzi azovulwa ngokushesha kule sikole kulandela izingxoxo uMnyango obe nazo neMeya. Uthe bazobe sebehlangana bexoxisana ukuthi kungabe bazosikhokha kanjani lesi sikwelethu.

“Sikhathazekile ukuthi isikole singakweleta imali enkulu kangaka. Lena into ngempela ekumele siyidingide ngoba indlela umasipala [okhokhisa] ngayo kumele idingidwe kanjalo nengqalasizinda nayo kumele kuhlolwe ukwenza isiqiniseko sokuthi akukho yini ukuvuza kwamanzi okukhona kamasipala.

“Akuwenzi umqondo ukuthi isikole singakweleta imali ecishe ibe izigidi ezimbili (2million),” kubeka yena.

Ngokwesitatimende esikhiswe ibamba lokhulumela umasipala uMsunduzi uNks Ntobeko Ngcobo, umasiplala ukuqinisekisile ukuthi isikole sikweleta imali engu-R2 million nokuthi umasipala uwavalile amanzi kulesi sikole.

Uthe lesi sikole sagcina ukukhokha kamasipala ngenyanga kaMbasa (April) 2019.

Sithe umasipala bewulokhu uzama ukuxoxisana nesikole ukuthi size ngaphambili senze izinhlelo zokuthi sizokhokha kanjani. Incwadi yokugcina eya thunyelwa kulesi sikole bekuyinyanga kaLwezi ( November) kodwa isikole asizange size siphendule.

“Imeya uKhansela Mzimkhulu Thebolla [uxoxe] noMphathiswa wezeMfundo, [ukuthi] kweziwe izinhlelo mayelana nesikweleti kwabe sekuvunyelwana ngokuthi amanzi azovulwa esikoleni,” kufunda isitatimende. IMeya uMnu Thebolla uthe bebengaqondile ukuphazamisa ukufunda kwezingane. Uthe bebenethemba lokuthi isikole sizoza kubona kwenziwe izinhlelo zokuthi sizokhokha kanjani, kodwa asizanga.

Izingane zilindeleke ukuba zibuyele esikoleni namhlanje (ngoLwesine).

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.