Siyanda isibalo sababulawa eSweetwaters

2019-07-24 06:01

KWENZAKALANI endaweni yaseSweetwaters? Cishe inyanga nenyanga kule ndawo kuhleli kukhona umuntu obulawayo okanye otholwa esebulewe kodwa kungaziwa ukuthi kungabe ubani umenzi wobubi kanti esikhathini esiningi kugcina kungaboshwanga muntu.

Selokhu unyaka uqalile balinganiselwa kwabali-10 abantu asebebulewe kule ndawo. Abanye batholwa sebebulewe bese izidumbu zabo zijikijelwa ezindaweni ezifihlakele.

Emasontweni amabili edlule kutholwe izidumbu ezimbili zilahliwe endaweni yaKwaZayeka. Isidumbu sokuqala satholwa ngeSonto kwathi esesibili sikaMnu Zimu satholakala ngoLwesibili silahlwe exhaphozini emzini wakhe. Ngokuthola kwe-Echo uMnu Zimu kuthiwa waphuma eyokhuluma nomakhalekhukhwini emnyango kodwa akabange esabuya njengoba etholakale esebulewe. Kuthiwa isidumbu sakhe sitholwe sigcwele igazi ebusweni kodwa akwaziwa ukuthi ubani owenze loku.

Kutholakala lezi zidumbu nje, emasontweni amathathu edlule kusanda kudutshulwa kubulawe uMnu Nathi Zuma.

Umphakathi wakule ndawo uthi uhlalele ovalweni kanti futhi ukhathazekile ngezigameko eziqhubeka kule ndawo. Bathi sekunzima nokuthi bahambe ebusuku ngoba abazi ukuthi yini engahle ibehlele.

UMnu Nduduzo Mhlongo noyilunga lo mphakathi uthe sekunzima noma bahambe ngabodwa ngoba besaba sona lesi sihlava sokubulawa kwabantu.

“Akusesiyona impilo lena esiyiphila kule ndawo. Ayipheli inyanga kungekho umuntu obulewe okanye kungekho isidumbu esitholakele. Indawo enjani lena ngempela nathi asisazi. Sesisabana sodwa endaweni yethu ngoba asazi ukuthi ubani owenza loku.

“Okusenza sisabe kakhulu ukuthi njengoba kungakaze kuboshwe muntu kuzona zonke lezi zigameko, lokho kusho ukuthi abenzi bobubi bakhona kanti futhi basazoqhubeka babulale abantu abangenacala,” kubeka yena.

Elinye ilunga lomphakathi lithe: “Sihlukumezekile endaweni yethu esihleli kuyona. Izinga lobugebengu lisihlalise lubhojozi and akusemnandi. Uma uzwa ukuthi kukhona umuntu obulewe okanye kukhona isidumbu esitholakele ushaywa uvalo ngoba awazi ukuthi ubani ozolandela ngemuva kwaloko,” kubeka yena.

Ikhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Mtshali uvumile ukuthi kunenkinga kule ndawo. Uthe njengabaholi nabo bakhazekile ngezigameko ezenzeka kule ndawo.

“Indawo yethu isiphenduke indawo eyisinkompulazi usungaphika ukuthi indawo yasemakhaya.

Isiphenduke indawo enobulwane esingabazi nathi. Siyafisa ukuthi amaphoyisa esifundazwe okanye kuzwe lonke ukuba angenelele ekulweni nobugebengu kule ndawo yethu ngoba izinga liphezulu kakhulu.

“Sishaqekile nathi ngendlela izinga eseliphezulu ngayo kodwa sinethemba lokuthi kukhona okungenziwa ukunqanda ekutheni kuze kwedlulele. Sicela ukuba amaphoyisa asebenzisane nomphakathi ekulweni nobugebengu kule ndawo,” kubeka yena.

UMnu Mtshali uveze ukuthi ngaphambilini kule ndawo kuke kwaduma ukuthi kutholakale izidumbu zabantu sezicwiyiwe kodwa manje abantu sebeyabulawa nje kuphela ngaphandle kwesizathu.

“Lezi zinto zenzeka ebusuku nokwenza kuse ekuseni sekutholwa abantu bebulewe okuyinto eyenza kube nzima nokuthi umphakathi wakithi uhambe ebusuku.

“Izimpilo zamalunga omphakathi zisengcupheni ngenxa yalobu bugebengu ngakho kumele bunqandwe.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.