Two deck headline goes here please

2020-01-29 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAbafundi baphuma kungakashayi isikhathi ngenxa yokungabikhona kwamanzi.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAbafundi baphuma kungakashayi isikhathi ngenxa yokungabikhona kwamanzi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUPHAZAMISEKE ukufunda esikoleni samabanga aphakeme i-Georgetown kulandela ukungabi khona kwamanzi kulesi sikole seloku kuvulwe izikole ngesonto eledlule.

Lokhu kuza ngemuva kokuba uMasipala uMsunduzi uvale amanzi kulesi sikole ngoba uthi sikweleta imali engu-R2 million.

Seloku kwaqala ukuvula othisha ngoMsombuluko owedlule mhla zili-13 kuMasingana(January) amanzi abengekho kulesi sikole. Abafundi bona bakhishwa ngehora lesi-11am kusukela ngoLwesithathu kwaze kwaba uMsombululo.

NgoLwesibili bakhishwe ngo-9.30am baphindiselwa emakhaya base betshelwa ukuthi babuyele esikoleni namhlanje (ngoLwesine) ngenxa yokungabibikho kwamanzi esikoleni.

Ngokuthola kwe-Echo, nezindlu zangasese azisebenzi kanti lokho besekuphoqa ukuba abafundi ikakhulukazi abesifazane bayozikhulula ezikhotheni ngaphandle kwesikole. Abanye abafundi abakhulume ne-Echo kodwa bangathanda ukuthi kudalulwe amagama abo, bathe bakhathazekile ngokwenzeka esikoleni ngoba kunomthelela omubi ezifundweni zabo.

“Seloku thina sivulile [esikoleni] asifundi kahle ngenxa yokuthi amanzi awekho. Ezinye izingane kwezinye izikole ziyaqhubeka ziyafunda kodwa thina sigoduka kungakashayi nesikhathi sokuhamba.

“Siyesaba ukuthi sizosalela emuva nezifundo zethu. Siyafisa nje ukuthi le nkinga ilungiswe maduzane,” kusho omunye wabafundi bakulesi sikole ongathandanga ukudalulwa.

Omunye umfundi kamatikuletsheni uthe bona bashayeke kakhulu ngoba kumele engabe sebeqalile ukufunda ngezikhathi zantambama, kodwa lokho akwenzeki ngenxa yenkinga yamanzi.

“Kuzothi uma ngabe sekulungisiwe thina sizobe sesinomsebenzi omningi osihlalele nokuzobe sekuba umthwalo omkhulu kuthina njengabafundi.

“Asijabulile neze nje ngento eyenzeka la esikoleni ngoba nokuthi sihambe siyozikhulula ngaphandle ezikhotheni akuphephile kuzokwenziwa njani uma ngabe kukhona umuntu ovele akubambe akudlwengule kade kwaziwa ukuthi usesikoleni ?”

Abafundi bakhala nangokuthi nakuba othisha bezama ukuthi bafundise ngezikhathi zasekuseni ngaphambi kokuba bahambe, kunzima ukuthi kufundeke njengoba iphunga eliphuma ezindlini zangasese lingabekezeleleki. Laba bafundi bathi selokhu kuvulwe izikole bafunda izifundo ezine kuphela ngosuku, esikhundleni sokuthi bafunde izifundo eziyisithupha.

Isekela Sihlalo wesigungu esimele abafundi kulesi sikole uMnu Sonani Ndimande uthe ukungabikhona kwamanzi ikona okubaphoqe ukuba izingane zisheshe zikhishwe esikoleni.

Uthe nabo bakhazekile ngokuphazamiseka kokufunda kulesi sikole kodwa wathi ayikho into ababezoyenza. “Isikole sonke siyanuka nelanga liyashisa ngeke uze uthi izingane azihlale esikoleni amanzi engekho uma ngabe seziquleka kuzokwenziwa njani? Besinethemba lokuthi umnyango wezemfundo uzoyilungisa ngokushesha kodwa akwenzekanga,” kubeka yena.

Umphathiswa woMnyango wezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Kwazi Mshengu uthe amanzi azovulwa ngokushesha kule sikole kulandela izingxoxo umnyango obe nazo neMeya. Uthe bazobe sebehlangana bexoxisana ukuthi kungabe bazosikhokha kanjani lesi sikweletu.

“Sikhathazekile ukuthi isikole singakweleta imali enkulu kangaka. Lena into ngempela ekumele siyidingide ngoba indlela umasipala [obakhokhisa] ngayo kumele idingidwe kanjalo nengqalasizinda nayo kumele kuhlolwe ukwenza isiqiniseko sokuthi akukho yini ukuvuza kwamanzi okukhona kamasipala.

“Akuwenzi umqondo ukuthi isikole singakweleta imali ecishe ibe izigidi ezimbili (2million),” kubeka yena.

Ngokwesitatimende esikhiswe ibamba lokhulumela umasipala uMsunduzi uNks Ntobeko Ngcobo, umasiplala ukuqinisekisile ukuthi isikole sikweleta imali engu-R2 million nokuthi umasipala uwavalile amanzi kulesi sikole.

Uthe lesi sikole sagcina ukukhokha kamasipala ngenyanga kaMbasa (April) 2019.

Sithe umasipala ubuloku uzama ukuxoxisana nesikole ukuthi size phambili senze izinhlelo zokuthi sizokhokha kanjani.

Incwadi yokugcina eya thunyelwa kulesi sikole bekuyinyanga kaLwezi ( November) kodwa isikole asizange size siphendule.

“ IMeya uKhansela Mzimkhulu Thebolla [uxoxe] noMphathiswa wezeMfundo [ukuthi] kwenziwe izinhlelo mayelana nesikweleti kwabe sekuvunyelwana ngokuthi amanzi azovulwa esikoleni,” kufunda isitatimende.

IMeya uMnu Thebolla uthe bebengaqondile ukuphazamisa ukufunda kwezingane. Uthe bebenethemba lokuthi isikole sizoza kubona kwenziwe izinhlelo zokuthi sizokhokha kanjani kodwa assizanga.

Izingane zilindeleke ukuba zibuyele esikoleni namhlanje (ngoLwesine).

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.