U-‘AK 47’ useqeqesha izingane ezincane

2019-12-04 06:02
USandile Ndlovu nabanye babadlali abaqeqeshayo.ISITHOMBE: sithunyelwe

USandile Ndlovu nabanye babadlali abaqeqeshayo.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OWAYENGUMGADLI we-Mamelodi Sundowns uMnu Sandile “AK-47” Ndlovu uthi uyafisa ukuthi ngelinye ilanga abone izingane aziqeqeshayo sezidlala emaqenjini amakhulu.

UMnu Ndlovu kumanje usenohlelo lokuqeqesha izingane zabafana kanye namantombazane ezisencane ibhola likanobhutshuzwayo.

Izingane ezingaphansi kwalolu hleli ezineminyaka eli-10 kuya kwengama-23. Zonke lezi zingane ziqeqeshwa ngaphansi kwenhlangano i-Sandile Ndlovu “AK-47” Foundation nokungeyakhe uMnu Ndlovu.

Lolu hlelo luqale ngonyaka wezi-2016 kanti kumanje selunezingane ezilinganiselwa kwezingaphezu kuka-80. Ekhuluma ne-Echo uMnu Ndlovu uthe ukusungula kwakhe lolu hlelo ingoba ubefuna ukuqoqa izingane ezisencane ezithanda ibhola azihlanganise ndawonye ziyeke ukuba uvanzi.

“Ukuhlanganisa kwami lezi zingane akusikona nje ukuthi ngibheke ibhola kuphela kodwa ngiphinde ngizifundise inhlonipho, ngizikhuthaze nangemfundo nokubaluleka kwayo,” kubeka yena.

Uthe ngesikhathi eqala lolu hlelo wayenezingane ezinhlanu kuphela.

Uthe isifiso sakhe ukuthi abone ezinye zezingane aziqeqeshayo sezigijima emaqenjini amakhulu ngisho kungathiwa amaqembu aphesheya kwezilwandle.

“Ngiyazi ukuthi akuzona zonke izingane ezizophumelela ekutheni zigcine zidlalela amaqembu amakhulu kodwa ngiyafisa ukubona lezo ezinethalente nezinothando lokuqhubeka nebhola ziphumelela.

“Into engizama ukubenzela yona ukuthi manje bathole ithuba lokudlala namaqembu aku-PSL ukuze bezozibonela bona ukuthi kunjani.”

UMnu Ndlovu uthe nakuba enazo zonke lezi zifiso basenazo izinkinga ababhekana nazo njengoba bengenabo abaxhasi.

Uthe inkinga enkulu uma ngabe kumele bahambe baye kwezinye izindawo bayodlala khona kodwa bengenayo into yokuhamba. “Izinto ezifana namakhokho nazo ziyinkinga ngoba sonke siyazi ukuthi izingane aziphumi emakhaya afanayo ezinye uthole ukuthi azinawo amakhokho okudlala lapho sekumele sibazamele. Singakujabulela kakhulu uma ngahle sithole uxhaso ukuze uhlelo lwethu[luthuthuke],” kuphetha yena.

UMnu Ndlovu basazemukela nezinye izingane ezithanda ukuba ingxenye yalolu hlelo.

Ngeminye imininingwane noma ungathanda ukulekelela thumela i-email ku sanfoundation29@gmail.com okanye ushayele yena uMnu Ndlovu enombolweni ethi: 081 284 3573.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.